... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indlela Yokuba Yisibonelo Esimbi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Johane 4:20 Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

Listen to the radio broadcast of

Indlela Yokuba Yisibonelo Esimbi


Download audio file

Into engiyizonda  kakhulu ukubonakala ngiyiyona ukuba ngumzenzisi. Hhayi ngoba nginehaba kumbe angiconsi phansi ngegama lami,kodwa ngoba ngokuba ngumzenzisi ,ngiyobe ngehlisa isithunzi seVangeli likaJesu Khrestu  futhi kwenze abantu balingabaze. 

Manje ,njengokuba ivangeli lihlukanisa abantu,lokhu iBhayibheli elikufundisa ngesono nangokuphenduka kunguchukuluza kwabaningi abayizoni,ngenxa yalokho bazokuqamba bakubize ngamagama .Lokho ngeke sikugweme . 

Kodwa uma ubona umuntu osithombe se-profile yeFacebook  yakhe  ,siyisithombe semoto yakhe ebomvu ebhalwe izinto ezithi  “Phenduka ,uthando lweqiniso .uJesu uyabuya ,phendukela kuNkulunkulu” ,uthole ukuthi lamagama uwa-poste agcwala yonke indawo  kuyo ….ebese khona manjalo ubone umbhalo ozulayo onesithombe sikamengameli wezwe lakubo  ethi kuye ‘hamb’uyofa sikhathele uwe’ ….

uyabona ke yilokho kanye esikubiza ngukuba ngumzenzisi ngokwamagama  aqondile athe mpo .

Futhi yilolohlobo lwento kanye eyenza ivangeli lehlele wukuhlonishwa ,kodwa ngihlulwa nawukucabanga ukuthi konje engake uNkulunkulu akuthokozele yini lokho na ? 

1 Johane  4:20 Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

Uma ukhule nabafowenu nodadewenu ,uzokwazi kahle kamhlophe ukuthi kunezikhathi eziningi la enaningavumelani khona ,enanilwa .

Yebo nakanjani ,noNkulunkulu wayekwazi kahle kamhlophe lokho ngamhla enza ukuba uJohane awabhale phansi lamagama hhayi njengeseluleko ,kodwa ngokokuba ngumyalo . 

Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo 

Ungabi ngumzenzisi !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.