... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isiphetho Sakho Sokugcina

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 15:35,36 Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?” Wena ongaqondiyo, lokho okuhlwanyelayo wena akutholi ukuphila kungafanga

Listen to the radio broadcast of

Isiphetho Sakho Sokugcina


Download audio file

Ziningi izinkathazo nezinto ezidinga sizinake  nezingcindezi esibhekene nazo usuku nosuku. Kodwa nakuba zihlale zisithe njo ezimpondweni zamehlo usuku nosuku zisithene amandla ,kodwa lusuku lumbe ziyoshabalala.

Futhi elokuthi lokho kuyophetha kanjani kuwe, kuncike ekutheni ngakube ulibekile yini ithemba lakho kuKhrestu noma cha . 

Manje ,iningi lethu liyazi ukuthi uJesu Khrestu wathembisa isipho  sempilo engunaphakade samahhala kulabo  ababeke ithemba labo kuYe . Kodwa mina nawe siyakwazi ukulahlekelwa ngabathandiweyo bethu nabangani bethu .Sibile semingcwabeni yabo. Namhlanje bakhona -dukuduku lusuku lumbe usubathola sebebanda qah kulelobhokisi lomngcwabo ,sekuphelile njalo.

Ngesikhathi ukholwa yindaba yokuphila  okungunaphakade ,kulula ukukubamba ngomqondo [theory] kodwa ngokwendlela ephathekayo akuwenzi umqondo. 

Siyazi ukuthi uma sifa ,imizimba yethu iyobola ngaphansi kwenhlabathi kumbe kwabanye kuba ngukuthi iyashiswa ilothe kubhayela wokushiswa kwemizimba . Pho manje lento yokuvuka neyengunaphakade isebenza kanjani ingempela ? Njengokuba sesike sabona phambilini umphostoli uPhawuli uvamisa ukuzisho ngqo izinto esikhundleni sokuzilalisa – kunjalo nasekusiphenduleni kwakhe lombuzo ,ukhuluma  aqonde ngqo.

1 KwabaseKhorinte  15:35,36 Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?”  Wena ongaqondiyo, lokho okuhlwanyelayo wena akutholi ukuphila kungafanga

Ngumfanekiso ongakwenzi unwaye ikhanda ngawo lo – ongembewu engena emhlabathini qede iqhume ibe yisihlahla esikhulu kusasa. Sizokubuka kabanzi lokho kusasa ,kodwa okwamanje ake sazi lokhu . Uma ukholwa nguJesu ,kuchaza ukuthi nakanjani ibhokisi lomngcwabo alisona isiphetho sakho .

Uma ukholwa nguJesu unokunqoba phezu kokufa! Ayibongwe INkosi! 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.