... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Nginawe Kuphela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 73:25,26 Nginobani ezulwini uma nginawe? Angifuni lutho emhlabeni.Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela ,nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami,nesabelo sami kuze kube phakade.

Listen to the radio broadcast of

Nginawe Kuphela


Download audio file

Ngakho ngicela ,ukukubuza namhlanje ,yini eseqhulwini lomthandazo wakho ? Yiziphi izinto ezintathu eziseqhulwini ofuna uNkulunkulu akunike zona  ? Mhlampe ezempilo ezinhle ,uzinzo kwezezimali kumbe umshado ophilile . Yikuphi okusekuqaleni ohleni lwakho ,okwesibili khona  ?

La e- Christianityworks sine- website ebizwa ngokuthi PowerfulPrayer.org.Kungani sithi  “umthandazo onamandla ”? Yingoba uhlobo lomthandazo ibhayibheli elisifundisa ngawo yilo onamandla onemiphumela emihle .Kuliqiniso !   Yingakho abantu abaningi emhlabeni wonke jikelele besithumela izicelo zemithandazo yabo futhi ebese kuba nabantu abazinikelayo ukumukela lemithandazo qede babe nesibalo abasihlungayo abaziqokela bona ukuzipha isikhathi bebakhulekela lababantu . Nawe ungangena kuyo ithi  … PowerfulPrayer.org.

Manje njengokuba ungacabanga ,sibona zonke izicelo zemithandazo elethwa kithina . Futhi ezinye zezinto ezenzeka ezimpilweni zabantu zibuhlungu  ngokunyantisayo  – ukungathembeki emishadweni,ukuklayeka kwemindeni ,izimpi ,izifo ezisho ukusobozela umphefumulo.Ngiye ngikuthole kuyinhlanhla ukukhulekisa abantu beNkosi qede ngibashiye nezwi lenkuthazo .Futhi kuhle ukuba sikwenze lokho. 

Kodwa kunohlobo lwesicelo somthandazo okuthukela sisibone . Sisho kanje : Ngifuna ukumazi ngokuthe xaxa uNkulunkulu .Ngifuna ukusondela kakhulu kuJesu. Kungani lesicelo somthandazo  sithukela ukuqhamuka .Umhubi ubhala athi : 

Amahubo  73:25,26 Nginobani ezulwini uma nginawe? Angifuni lutho emhlabeni.Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela ,nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami,nesabelo sami kuze kube phakade! 

Yebo ,impela zikhulekele izidingo zakho zakulomhlaba,nakanjani kwenze lokho! Kodwa zonke ezinye izinto empilweni yethu ,lusuku lumbe ziyodlula zishabalale . Ingqondo nomzimba wethu kuyoba ntekenteke. 

Nginobani ezulwini uma nginawe? Angifuni lutho emhlabeni.Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela ,nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami,nesabelo sami kuze kube phakade! Nkosi ngilambele wena ,Nkosi ngisondeze kuwe kakhulu kunakuqala .Nkosi ngilambele ngifuna wena …ngifuna wena, ngenhliziyo yami ngomele wena !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.