... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umusa Olethwa Ezaleni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 2:7 Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.

Listen to the radio broadcast of

Umusa Olethwa Ezaleni


Download audio file

Nakhu le esesifike khona qathatha ngokuphazima kweso .Lisonto leli elandulela elikaKhisimusi .Yisikhathi sobutatata kwabanye.Ngiyazibuza ekaze yikuphi okusemqondweni wakho usacabanga ngoKhisimusi.

Lusuku lumbe ekuseni ngangithandaza phambi kukaNkulunkulu ,ngangimbonga ukungenza kwaKhe ngibe ngozuzayo emseni waKhe .Ngabuka emumva empilweni yami ,ngabona ukuthi ,konke lokhu akungifanele .Kodwa –ke yilona phuzu leli kulendaba .Umusa kaNkulunkulu umahhala futhi akukho esingawusebenzela ngakho , konke ukwenze ngokuthumela  uJesu kulomhlaba . 

Ngamhlubuka ngamelana naye uNkulunkulu .Ngayephula yonke imithetho yakhe .Kodwa njengokuba omunye ngobuciko wathi : umusa ugqama ungaphandle kwenkolo .Amen omkhulu kuleyondawo! Umusa kaNkulunkulu ufinyelela emhlabeni osotakwini lwesono ,ezimpilweni zethu ezisotakwini ezingenandaba ngisho ‘namithetho yaKhe’. Futhi nebala lokhu ,kuyikho kanye la khona  lendaba yomusa  eyaqala khona :

NgokukaLukha  2:7 Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.

Hhayi esiGodlweni kodwa ,esitebeleni sezinkomo . Hhayi embhedeni ,kodwa emkhombeni wezinkomo kulelobhokisi elifaka ifoliji lotshani ukuze zidle izinkomo.Sewuke waba seduze nezinkomo ? Zinephunga lazo.Zivese zidacaze ubulongwe noma ikanjani indawo iphenduke ingasese lazo. Ngesikhathi zidla kulelibhokisi lefoliji ,kubuye kugxaze amathe ,konke lokho kwehlela kulelibhokisi lefolishi.

Ukuzalwa koMsindisi wethu uJesu Khrestu akubanga seqophelweni eliphezulu lenhlanzeko ngokwezempilo . Kwakungahlelekile kahle .Kwakungabanga senhlanzekweni enhle .Akuhambisananga nokuzalwa kweNkosi yamakhosi noMbusi wababusi ,uMdali weZulu nomhlaba . Lutho, kodwa kwakungcolile ,umusa uhlale unjalo uhlala ezindaweni ezingamavundululu ezimantwayintwayi ezingcolile .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.