... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Omusa KaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 13:14-17 Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.” Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?” Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Omusa KaNkulunkulu


Download audio file

Sesivese safika qathatha kulelisonto elifushane bandla eliphakathi kukaKhisimusi no-New Year . Yisikhathi lesi esisuke sesibuka emumva izinto zibe njani futhi sesiqala ukubuka unyaka omusha siwuzela nani  nawo usizela nani . 

Uma kungukuthi ubuhamba nami kuleliviki eliphelile uzokwazi ukuthi besihleli enkulumweni engomusa . Yebo umusa kaNkulunkulu mukhulu .Uyinto eguqula impilo yomuntu .Ngakho ake singene futhi khaxa kulendaba ,ngoba amandla omusa kaNkulunkulu asophe ukuhlanza islate sezolo lakho ngesono osenzile qede akuvulele umnyango wempilo yakusasa eguqulwe ngokunamandla .Asikusho lokho ngokwe-theory nje kodwa ngokuphathekayo .Ngakho  ake singene shi kuyo injengoba injalo lendaba .

NgokukaLukha  13:14-17Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.” Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini
ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na?  Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi
nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?” 
Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.

UJesu wamphulukisa lo wesifazane  kungakhathalekile nokuthi kwabe kumelene nemithetho yezenkolo .Lawo ngamandla amakhulu omusa ,lowomusa ophulukisayo awenze wakulungela nokulindele nawe . 

UJesu onamandla .Umusa onamandla .Okulungele ,okulindele ukuza kuwo . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.