... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Esikhathini Okuhle Ukuhlupheka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 3:17 Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi.

Listen to the radio broadcast of

Esikhathini Okuhle Ukuhlupheka


Download audio file

Inhlupheko yisihloko engithanda ukuhlala ngihlale ngikhulume ngaso ,lokho kusemqoka ekukhuleni nasekufundeni kwami nokwakho .Ngoba kukuleyondawo kanye yenhlupheko lakhona sinethuba elikhulu uNkulunkulu aliletha kithi nge-tray . 

Noma yimuphi umgijimi uyokutshela ukuthi bathwala kanzima kakhulu uma beziqeqesha . Kubuhlungu kuyalimaza ukukhanda  imisipha eqinile .Kubuhlungu ukwakha ukuphikelela .Kodwa kubo kuyinhlupheko enehloso ekugcineni .Yinhlupheko abangena kuyo ukuze babe ngabagijimi abangcono ,ekugijimeni  abahlelekile ,futhi babe nobuchule emdlalweni wabo .Yingakho behlupheka ,bezihlupha.

Futhi lokho kungayiqiniso nakwezethu izimpilo futhi .Siyazi ukuthi lezokhathi ezinzima ziyizikhathi zamathuba amakhulu kaNkulunkulu ukubumba inkambo yethu ;ukusifundisa ukuthi sincike kanjani kuye ;sihlakule okulukhula okusicinanisayo  ukuze sibukeke sifane noJesu 

Kodwa manje kumele kube nokodwa lapho ,angithi? – imvamisa inhlupheko iletha ukungabikho  kobulungiswa ,lokho okunyusa impakamo yethu .Lokho kungabikho kobulungiswa kusinika inkambo embi khona lapho kanye ,okuveza kuvimba izinzuzo uNkulunkulu obengazisebenza kithi enkambweni yethu ngenhlupheko .Impakamo ihlala njalo ivimba izinto ezinhle uNkulunkulu anazo ngathi amen?!

Ngakho uma lokho kufuna ukwenzeka empilweni yakho ,ngakho lalela :

1 EkaPhethru  3:17 Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi.

UPhethru wawabhala lawomagama kubazalwane ababehlupheka ngesihluku esibi kabi nanokungenabulungiswa  ngenxa yokholo lwabo  kuJesu .Ngakho uma uNkulunkulu eletha inkathi yenhlupheko kuwe ,uma kuyilokho afuna kwenzeke ,ngena enhluphekweni ngentokozo .Hlupheka ngenkambiso enhle nomoya omuhle  noma ngabe kubukeka kungenabulungiswa kangakanani ….ngoba uNkulunkulu unotho alusebenzeyo aluhlelayo  oluhle . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.