... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imvume Yokwenza Okuhle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 10:23,24 Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke. Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

Listen to the radio broadcast of

Imvume Yokwenza Okuhle


Download audio file

UJesu wasithembisa ukuthi uma esikhulula ,nakanjani siyakuba ngabakhululekileyo nembala ,ngokwamazwi akhe ! Sikhululeke ngeqiniso ,ngeqiniso ngempela .Kodwa manje uthola ukuthi inkululeko inezincazo ezahlukene kubantu abahlukene.Umbuzo uthi namhlanje ichazani kuwe .

Mumva le ngamhla iThestamente Elisha  labhalwa,yaah ,kwabe kuyisikhathi esiyinhlabamxhwele .UBuKhresu babe buzalwa ebuJudeni .Ubudlelwano bethu obusha noNkulunkulu [Isivumelwano Esisha] babe buzalwa buvela ebudlelwaneni obudala naYe [Isivumelwano Esidala] . 

Futhi lokho ,kwabe kuchazani kulamakholwa amasha ,ayengena kulesivumelwano esisha  ,ayezingelwa  ngenxa yokukholwa ngukufa nokuvuka kukaJesu ,kwabe kuchaza ukuthi kunohide lwemithetho okungasedingekile ayilandele .Ngokuphazima kweso ,kwase njalo sekungenankinga ukudla ingulube .Ngokuphazima kweso yonke imithetho  yemihlatshelo yasendulo yabe isiyinto engathi shu . 

Okungakho uPhawuli ebhala lokhu : 

1 KwabaseKhorinte  10:23,24 Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke. Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

Ngamanye amazwi ungayisebenizisi inkululeko yakho  entsha osanda kuyithola ukuthi wenze noma yini oyifunayo .Akungathi ngokuphazima kweso ,wena usukubona kungenacala ukunyathela amakhona abanye abantu .Kwakuliqiniso elimiyo lokhu kulabazalwane nakithi lisamile mpo futhi alijiki .

Maningi aMaKhrestu athe njo enkululekweni yawo ,amalungelo  awo ,okuqondene nawo …elibala ukuthi ukuphikelela kulokho kungagcina kulimaza abanye .Sikhohlwe ngukuthi kwesinye isikhathi uma simela okungathi ,sigcina sinyathela amakhona abanye .

Nakanjani !  Uma iNdodana yoMuntu [UJesu]  inikhulula ,ningabakhululekileyo impela …..

Kodwa akwakhi konke. Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..