... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Khuthazanani

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 5:19,20 Niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu.

Angingabazi nakanjani usuke waba nawo lowomuzwa wokuzizwa uphansi,ebese kuvese kuqhamuke umuntu namazwi enkuthazo ebese ngokuphazima kweso uzizwe umoya wakho uphakama ,ayiguqule impilo yakho ,ngisho impilo yakho uqobo . 

Ngakho ake sithi ukuma sibuke ngamehlo engqondo ukuthi mangase kuthiwe namhlanje noma kusasa nguwe lowomuntu ozoletha komunye inkuthazo.Ngoba uma sizibiza ngokuthi singamaKhrestu ,uma sikholwa kuJesu ,ngakho uMoya oNgcwele ulangazelele ukusigcwalisa siphuphume izimpophoma zokuchichima yintokozo yaKhe. 

Futhi lezompophoma zingaletha ukuphila ezinhliziyweni eziningi ezisizungezile ezimaqwathuqwathu ezilimele  ezibhibhayo.Manje  asihlali  sizizwa ngokokuthi sinentokozo eyanele ukucobelela abanye ,singasayiphathi eyokuchichima kwayo kithi .Ngakho nansi la elele khona  … 

KwabaseFesu  5:19,20 Niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,  nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu.

Umculo yisipho esikhethekile esiqhamuka kuNkulunkulu .Noma siwuzwa kwi –radio kumbe ngawo wonke ama digital channel akhona kulezinsuku ,lawomahubo namaculo anamandla .Futhi uNkulunkulu akanandaba ukuthi uzwakala ucula kanjani ezindlebeni zabantu ,uyathanda kakhulu uma uhlabelela izindumiso zaKhe .Uyathanda uma wenza umculo enhliziyweni yakho  .Hhawu shlobo sami uyathokoza uma ubonga ngokuhle akwenzele khona ngoJesu !

Futhi angisho ukuthi kukulesosikhathi kanye lakhona ingenakugqibeka indaba yokuqhuma kwezimpophoma zentokozo ezizoba ngamandla amakhulu ukukhuthaza abaseduze nawe ,abazidinga kakhulu !  

Nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.