... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lalela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 14:25,26 “Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

Listen to the radio broadcast of

Lalela


Download audio file

Uma kungase kuthiwe ,ngalezozikhathi ,lezokanye esisuke sizizwa kunzima ukubhekana nezinto eziphambi kwethu ,kulezokhathi esidinga inhlakanipho kaNkulunkulu …mangase kuthiwe nje sikuzo kanye lezokhathi ,kuvese kuvuleke iZulu qede sizwe uNkulunkulu ekhuluma .Yey mangase nje avese akhulume…

Ake uzicabange  ungomunye wabafundi abayishumi nambili .Uhlale usemgwaqeni usendleleni ,uvuka njalo ekuseni ,ubhekane nazo zonke izinto lezi obhekana nazo .Kodwa okuvese kuthi uma kunesimo esikwengamayo ,lakhona inhlakanipho yakho iphela ,yebo nebala okudingayo kunye phaqa ngukujikela kuJesu qede umbuze .Phela kwazise useceleni nje eduze nawe.Kungamnandi lokho ,kungebe mnandi? 

Yebo  kulezinsuku akekho eduze ndlelanye njengabo  kodwa khona kunjalo ,wayazi ukuthi kuyoba nezikhathi ezimpilweni zethu la esiyakudinga khona inhlakanipho yakhe .Esiyobe sibhekene khona nezinto ezingaphezu kwethu.Sikwazi kanjani lokho? Ngoba sekuya ngasekugcineni kwempilo yakhe yenyama,andukuba abethelwe  ,nakhu akushoyo kubafundi baKhe  :

NgokukaJohane  14:25,26  “Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani.  Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

Ngakho uMoya oNgcwele uyositshela izinto uJesu azitshela abafundi baKhe .Yisona sithembiso leso .Futhi usakhuluma nathi nanamhlanje ngazo zonke izindlela ezahlukahlukene  – ikakhulu ngeBhayibheli ,Izwi likaNkulunkulu eliphilayo ,kodwa nangezinye izindlela futhi .

Ngabanye abantu kwesinye isikhathi.Yey uyazi ngake ngahlabeka  ngesono esithile enhliziyweni yami ngesikhathi ngisabuka idvd yezingane . 

Ungalenzi iphutha ,uma ukholwa nguJesu ,uMoya oNgcwele uyaphila futhi uhleli kuwe ,ukhuluma kuwe izinto zikaNkulunkulu .Mlalale .Ukhaliphe kakhulu Yena ngaphezu kwakho .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..