... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lazi Inani Lakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 12:6,7 Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.

Listen to the radio broadcast of

Lazi Inani Lakho


Download audio file

Sewake wazizwa sengathi uyizibi ; ngokusengathi izwe likuhlafunile njengoshingam qede lakuthimisa lakulahla ?! Bonke abantu bajabule ,baziqhubekela nempilo ,kodwa wena … usemfithimfithini yezikrebha emabibini. 

Akubizi ukuthi sekoze kube yincithakalo enkulu kithi ukuba sifike kulowomuzwa wokuzizwa kanjalo . Umuzwa wokuzizwa ungelutho ungasidla ,konke ngenxa nje yokuthi bonke lababantu abasemnyango sibabona benyuka bona thina sijamile ,sibabona bephumelela kunathi . 

Babukeka bephila impilo enamagalelo nkashana thina sisazibuza ukuthi ekaze kwakhona ikhona yini into engumthelela omuhle ezimpilweni zabanye abantu .Kuningi ukucabanga okunjalo okusihaqile okuqhubekayo .

Kumbe mhlawumbe sewuzizwa utshodile uma bengingabeka kanjalo.Bonke lababantu ababukeka bebasha –bekhaliphile ,beshesha kwi-technology esikweqile wena ngokushesha – futhi kukwenzele umuzwa wokusengathi bacwazimula ukukwedlula ,usuvese wagqwala. 

Ngakho ukulowomnyama ,angisho ukuthi kungenzeka ukuthi kunomdlavuza okudlayo , nakhu uJesu akushoyo kulesihloko kanye :

NgokukaLukha  12:6,7 Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu.  Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.

Isithombe esisobala kodwa esinamandla kakhulu. NguJesu lowo lapha ,ekhuluma eqonda ngqo kuwe .Futhi uma kunganele lokho ,angisho ubeke imali yakhe la umlomo wakhe ukhuluma khona kumbe okhuluma ngawe khona, ufake utshalomali olubomvu ngawe  . 

Waya esiphambanweni ukuba ashayelwe ngezipikili kuso ngenxa yakho ,ukuze ube sengunaphakadeni naYe . Ngakho ;Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi. Unenani elikhulu kuYe ngaphezu kobungakucabanga .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.