... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lokho INkosi Ekuhlelele Khona

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 2:8,9 Okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo; kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu,uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

Listen to the radio broadcast of

Lokho INkosi Ekuhlelele Khona


Download audio file

Uma uzama ukuphila kahle impilo yakho ngobuhle ,ngobuqotho ,kodwa uthole ukuthi bonke abantu abakuzungezile baziphethe kabi –uyaqala uzibuze ukuthi , “Kunalo inani ukuqhubeka mina ngedwa ngikwenza?” ,nebala  nagkube kunalo ngempela?

U-Dietrich Bonhoeffer owayengumfundisi waseJalimane  noso Theology owaziwayo  kakhulu ngokuma emelene nobudlomvukayiphikiswa bomqondo ka Hitler onobubi obukhulu bokushanela isizwe saMaJuda –ayebuqhuba .

Ukwenza  ngalowomzuzu amabandla amakhulu kaNkulunkulu ayezithulele , lokho kusonga izandla kwabandla engenzi lutho ukukhalima lomqondo wobubi  ka -Hitler  lokho kwawenza abamdibi munye naye ngokungacacile kodwa ukuthula ngukuvuma ,u-Bonhoeffer yena wasukuma wababaza wathi  “Qha angivumi”  !

Umphumela wokuma kwakhe akhulume kwamenza egcina eboshwa yi- Gestapo wagqonywa cishe iminyaka emibili enkambini .Wabeka icala lokuthi uhlangane nabetulo lokuyisa uHitler kwagoqanyawo , wabulawa ngesigwebo sentambo mhlaka 9  April 1945, esikhathini sokuwa kombuso wama Nazi .

Manje umbuzo uthi ngakube kwakufanele akwenze akwenzayo futhi kwakunenani yini na?

Ngumbuzo lowo awukhuluma uPhawuli umphostoli mayebhalela ibandla laseKhorinte mumva le ,ngesikhathi lisazabalaza endabeni yokuhle nokubi .

1 KwabaseKhorinte  2:8,9 Okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi,

babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo; kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:

“Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu,uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

Eminyakeni engu 2000 mumva le uJesu naye wayesukumile wakhuluma ngesibindi wamelana nobubi ,ncimishi njengo  Bonhoeffer, okuyinto le eyambiza impilo yakhe .Kodwa njengokuba imibhalo ithi :  “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu,uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

Linda ungajahi ,Ngoba nebala kunenani ukukwenza okungubuNkulunkulu kulomhlaba onguskhwili phambana nobhoko ngisho ungakugqoma ejele.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.