... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Nanka Amandla Akho Avela Phezulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:12,13 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

Listen to the radio broadcast of

Nanka Amandla Akho Avela Phezulu


Download audio file

Ngathatheka kakhulu ngento eyashiwo yilomuntu kimi , u-Des Ong, .Wathi, “Ngikhathele abantu abathi i-‘emotional intelligence’ iyi-soft skill. Lutho akunjalo ! I-Emotional intelligence ingamandla akho amakhulu avela phezulu !” Zasha !

Phela kubuke ukuthi asifani sonke ngokwemizwa yenhliziyo yethu nangokucabanga . Kimi nakuba kubukeka  imizwa yami ngiyilawula kahle kodwa hhayi ngokwezinga eliphelele. 

Kubukeka sengathi abanye abantu abakaze bangehlulele ngendlela mina engizihlulela ngayo ngokuqinile . Kodwa sonke sinezinkambiso ezibuye zihluleke  – sonke ngamunye .Futhi  kulula ukukujwayela lokho ,ukuncokola ngakho nokuzixolela ngakho. 

Ngithi angivuleleke kuwe la . Ngiye ngizame ndlelazonke ukuyilawula ngendlela efanele imizwa yami ingadlubulundeli ekuzithethiseni  ngizilahle ngecala kweqe,ukuze ngikwazi ukuba secebweni likaNkulunkulu sikhathi sinye . Kuwe kunjani ? Akucabange lokhu:

KwabaseKolose  3:12,13  Ngakho-ke

njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,  nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

Bese kuyisikhathi sokuba sokukwazi ukumukela ukuthi siyahluleka kwesinye isikhathi  – ekugcineni kwakho konke sithandiwe nguNkulunkulu ,siyisizwe saKhe esikhethekile . Futhi uma usuke ufunda leyondima ezibhalweni isuke ikhuluma ngani ingempela ? Emotional intelligence. Ukuvesa umusa .Sibe nezibele ,sithobeke ,sibe mnene,sibekezelelane .Singadinwa kodwa sithethelelane  .

Lobuhlakani bokulawula imizwa yenhliziyo yakho ukhula kanjani kubo ,ububambe kahle ?Kuqala la.Khona kanye la eZwini likaNkulunkulu .Futhi kuyeke manje ukubamba uyeka uzisho wena ukuthi phela unje kothiwani . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.