... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngokuseduze Phezu Kobungakucabanga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 1:14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

Izolo sixoxe ngokuthi kwezinye izikhathi sizizwa sibancane ,singabanganele kangakanani,ngesikhathi siza  phambi kukaNkulunkulu.Uyawazi lowomuzwa ukuthi uNkulunkulu mukhulu,ubanzi ,ugcwele uthando ,kodwa uzizwe ukuthi awunakho okwanele ukukuletha kuYe namhlanje ? 

Sonke  sesibile kulesosimo futhi lowomuzwa wokuzizwa ngisho ungafanelwe ukumdumisa uNkulunkulu ,uvese ukucobe inhliziyo .Sizizwe sengathi siyehluleka ngukuza kuYe nokumlandela ngendlela . 

LoNkulunkulu obanzi ,uMdali wezulu nomhlaba ,lo owanikela ngoJesu abe ngumnikelo wezono zethu …..sithi asinakho esingeza kuYe ngakho ? Kuphathana kabi lokhu ,akunjalo? Kodwa khona kunjalo uNkulunkulu uyakwazi ukuntengantenga kwethu  .Uyazi ukuthi impilo ezikhathini ezithile ikwazi ukuklebhula kabuhlungu impilo yakho .Uyazi ukuthi izinto zinganzima kanjani ,enyameni ,emizweni yenhliziyo  nasemoyeni . 

Futhi ngalokho kanye sihlobo sami yikho okwenza uMdali weZulu nomhlaba  ,weza wazoba ngomunye wethu .

NgokukaJohane  1:14  ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

Kusukela ekuqaleni komhlaba uNkulunkulu wayevese ekulangazelela ukuba noAdamu noEva ensimini yase Eden,uNkulunkulu wayekulangazelela ukuba nabantu baKhe ,ethathe iwalk noAdam kusaheleza umoya wasekuseni .Yebo futhi kwi Thestamente Elidala siyabona ukuthi uNkulunkulu  wayehlala kanjani eThebanekele ,kwitende lokuhlangana ahlangane no Israel ehlane . Emva kwesikhathi kwaba yiseThempelini uSolomoni alakha eJerusalema . 

Kodwa la kuKhrestu,yebo kuYe simbona esondela eduze kithi.ULizwi ,iZwi ,uJesu okungaye konke kwadalwa ,waba ngumuntu wazophila wazothebanekela – phakathi kwethu . 

UJesu unguNkulunkulu esondela kithina .Esondela kuwe ,Esondela kimina. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..