... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Nkosi Sigcwalise Ngothando Lwakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 90:13-15 Buya Jehova! Koze kube nini na?Hawukela izinceku zakho .Sisuthise ngomusa wakho kusesekuseni ,ukuze sithokoze sijabule izinsuku zethu zonke .Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo,nangeminyaka esabona okubi ngayo .

Impilo inokwehla nokwenyuka kwayo ,amajika nezikhisi.Abanye abantu baqala impilo bezitshele ukuthi inhloso yempilo ngukujabula.Ngeshwa baphetha bephoxekile .

Ngake ngezwa i- psychologist eyaziwayo kwi  YouTube ithi inhlupheko yinto ongeke uyigweme ,iyingxenye yempilo yoluntu .Lokho kuyinto esengiyikholelwe isikhathi eside manje leyo ,ngukuthi nje akekho esengike ngamuzwa ethi kungamanga aluhlaza lokho . 

Uyakufuna ukuba enhluphekweni ? Cha ,hhayi mina bandla .Kwabanye kuba yinto efika idlule ,kwabanye kuba  yisimbelambela esingahambi  sibahleli izintotho nomaphi la beya khona .Lelihubo 90 esesilibukile kulelisonto ,lithi alibe wuhlobo lomkhuleko lokwenza izicelo zikaMose zazeke kuNkulunkulu odale konke,kuthi akube wuhlobo lwemikhuleko yami ,engikholwa nawe futhi ngokunjalo .  

Amahubo  90:13-15 Buya Jehova! Koze kube nini na?Hawukela izinceku zakho .Sisuthise ngomusa wakho kusesekuseni ,ukuze sithokoze sijabule izinsuku zethu zonke .Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo,nangeminyaka esabona okubi ngayo .

UMose ufuna ukuba ngojabule futhi athokozele impilo .Ngakube kukhona okubi ngalokho ? Cha.Phela ekugcineni loNkulunkulu unguNkulunkulu ofuna ukusibusisa .Kodwa ake ubuke umnyombo walokhu kuthokoza nokujabula . 

Buya Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho .Sisuthise ngomusa wakho kusesekuseni  

Igama lesiHebheru lapha elisebenzile ukuchaza lomusa lithi  hesed. Lichaza  uthando olumi luqinile .Uhlobo lothando olungakhathali .Yilapho kanye okuqhamuka khona  ukuthokoza kweqiniso.Into engaphansi kwalokho ayisizi ndawo .

Hesed. Uthando olumi lukaNkulunkulu olumi luqinile . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..