Sewuke Washebeleka Njengomkhumbi Empilweni Yakho ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Isambulo 3:3 Ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.
Sewuke Washebeleka Njengomkhumbi Empilweni Yakho ?
Download audio file
Ukushebeleza ngomkhumbi kungukuzikhipha okuthokozelwa ngabaningi emhlabeni .Hle hle ,bangaphezu kuka, 30 million abantu emhlabeni wonke nyakenye ababeshebeleza ngemikhumbi bevakasha ,okuyisibalo lesi okulindeleke eminyakeni emithathu sikhule sifinyelele ku 40 million .
Impela yingakho kungukuzikhipha okumnandi ngoba masungenile nje emkhumbini unjengomuntu ohlukene nomhlaba ,konke okuyimisebenzi yosuku uyakukhohlwa ,usantweza olwandle ,konke kuqoqiwe kwabekwa la eduze kuwe ,wena zibiliboco wena ni ,nokuningi ?
Kwake kwanesidlo lakhona zazimbiwe yinsele yazishiya ,beficela kwacwebezela izisu kwi -First Class dinner menu ye- RMS Titanic lalithambeme ilanga mhlaka 14 April , 1912 .
Asikho isitshulu esasingekho kwezekhethelo kukhala imfologo ummese nepleti ngapha nangapha kungamashibedwane kwehla esphundu ungeke wasinika isaguga esingaboni ,nazo zonke iziphuzo zaseFrance zazidekiwe kudideka amahlo engazi akhetheni kusaleni ngoba injani .
Pho olokufa alutsheli ,kwaba phakathi naso lesisidlo sekhethelo lakhona iTitanic yaveza yangquzula intabaqhwa yasolwandle[iceberg] . Okwathi emva kwamahora ambalwa lomkhumbi okwakuthiwe inguzanguza engaziki ,yavese yaklayeka iTitanic qede yangcezumbili yazika yayoshona otweni lolwandle ,kwabe sekungukushona kwelanga njalo kulemphefumulo .
Lababafo babephila emnandi impilo le emkhunjini odlula yonke eminye ngobukhazikhazi nokuqina ,nokho okwathi njengesela ebusuku ,lentabaqhwa eyangquzula iTitanic yephuca abantu abangu 1500 ukuphila kwabo qobo .
Isambulo 3:3 Ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.
Shlobo sami noma ngabe impilo ingabukeka ibuthebelele kamnandi konke kukuhle kudelile ,kodwa ukuphetha kwakho nokwami kungavele kufike ngokuphazima kweso ,qede sisho njengoba sisho ngezenze sithi nangu ubela .Umbuzo shlobo sami ngakube usukulengele ukuphetha kwayo?
Phaphama .Beka ithemba lakho kuJesu owakufela esiphambanweni wavuka ukuze akusindise .Guqula inhliziyo yakho nempilo yakho ,ngoba awazi isiphetho sakho sizofika nini .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.