... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukucobelela Omunye Lelivangeli Elingavelele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 12:10 Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.

Listen to the radio broadcast of

Ukucobelela Omunye Lelivangeli Elingavelele


Download audio file

Isikhathi sikaKhisimusi yisikhathi esinemvumo eyedlula zonke ezinye izinyanga ngokukhuluma ngoJesu  – Ungubani nokuthi wezelani ,nomehluko omkhulu angawenza ezimpilweni zethu . Yisikhathi esikhethekile . 

Kodwa iqiniso yileli lokuthi akuyena wonke umuntu okulindele ukuzwa izindaba ezinhle ,abanye bazibeke kude le ,angithi?Abanye bayokuchwensa bakwehlise isithunzi ngokukhuluma ngezinto zikaKhrestu.Akuyona inkulumo emnandi kwabaningi ngisho esidlweni sikaKhisimusi .

Ngakho isilingo ngukwehlisa amandla omyalezo  weBhayibheli uqale  unyathele  phansi ubuqiniso  beZwi kulamalunga omndeni aphelele ndawonye ngokhisimusi . Kodwa nantu olunye uhlangothi ngukuthi ubuKhrestu obuvelele bunokungabi nabuqiniso . 

Yebo nakuba kusongwa izipho  eziningi zika Khisimusi kodwa simelwe ukuba nesu , yebo asimelwe ukubagwinyisa inkolo ngenkani ,kodwa kusemqoka ukubuka ukale isikhathi.

Kodwa sikhathi sinye ,akumele  (uma simkholwa ngokweqiniso ) simukise  namanzi izindaba ezinhle zikaJesu futhi asimelwe ukumangala uma abantu besithuka besidelela ngenxa yazo ,. Ubhala umphostoli Phawuli athi  …

2 KwabaseKhorinte  12:10 Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.

Yebo kungenzeka abantu bakuthuke  .Noma kunjalo thola indlela yokubacobelela ezingoJesu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.