Ukuguqulwa Ngomusa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
2 EkaPhethru 3:17,18 Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe ekuqineni kwenu, kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.
Wonke umzali uyafikelwa yisigaba sokwesaba ukuthi hleze ingane yakhe igcine ibe mdibi munye nezingalaleli izingane ikhethe eyayo indlela ;abe nomuzwa wobuhlungu ukuthi lezongane kumbe abantu bayoholela ingane yakhe eweni .Nebala kubafanele abazali ukuba nalokho kukhathazeka .
Nami angikutshele leyomizwa ingifikele ngoba mawukhulisa ingane kunezinto eziningi ezisuke ziyinyonyobela ziyifuna ,ngakho usengcindezini yokuthi ekaze eyami indlela eqondile izogcina ithathiwe kumbe kuzothathwa eyabantu ebabona bengamaqhawe kuyo abangaqondile .
Kube nombuzo ukuthi kaze yikuphi okuyonqoba ekugcineni ,yizinto esimfundise zona kumbe ezimnyonyobelayo ? Ngumbuzo lo wonke umzali azithola ezibuza wona .
Nalokho kuyinkathazo enhliziyweni kaNkulunkulu ngokwakhe ngathi zingane zakhe yingakho simthola esho lokhu :
2 EkaPhethru 3:17,18 Ngakho, bathandekayo, njengokuba
nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe
ekuqineni kwenu, kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.
UPhethru ukhuluma la ngabanye abahlanakezele izibhalo qede bazidusa bona badusa nabanye babadonsela ekubhubheni .
Futhi nanamhlanje lababantu basekhona .Ngakho singazikhethela thina kukanye ukubalandela ,kumbe amehlo siwathi njo kuJesu sikhulise ukholo lwethu kuye nasemseni wakhe sikhule kuwo .Futhi ungakulibali lokhu ,umusa wenzelwe ukukusindisa kanjalo nokukuguqula .
U- A.W. Tozer wake wakubeka ukuthi uma singaguquliwe ngomusa ,ngakho mancane amathuba besike sasindiswa ngomusa kwakhona ekuqaleni ,angicabangi wayeshaye eceleni la .
kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.