... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhululwa Ekuthunjweni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:29,30 Le ntokozo yami isiphelele. Umelwe ukukhula yena, nginciphe mina.

Enye yezinto uJesu athembisa ukuthi izokwenzeka ngaYe ,ngukukhululwa kwabathunjwa /kweziboshwa.Iningi lethu alikaze lizicabange lingabathunjwa kokuthile noma ngabe yini .

Kuwe kunjani mlaleli? Umqondo wokukhululwa ekuthunjweni muningi kangakanani kuwe ? Uma kuthiwa ubungangibuza lowombuzo andukuba uJesu angqongqoze emnyango bengizothi lutho sanhlobo .Ngibuze lowombuzo namhlanje futhi impendulo izobe isaphelele isho njalo ukuthi ngiyakholwa  ! 

Ngoba into enkulu engangithunjwelwe  kuyona kwabe kuyimpakamo ,ukuzizwa ngisemqoka ,ukulangazelela kwami ukubonwa ngisemqoka ngihlonishwa futhi kakhulu .Futhi lwomqondo owangangamela  wokukitaza ngithokozise abantu ngenhlakanipho yami emangalisayo ,wawuyinto embi eyagcina  icekela phansi impilo yami . 

Umzala kaJesu uJohane umbhabhathizi ngiyakutshela lowamuntu wayekwazi ukudonsa izixuku.Wayeluhlobo lomuntu ohlala ehlane ,egqoka isikhumba sekamele ,engumlisa  odla amaqhwagi noju .

Kodwa isandla sikaNkulunkulu sasiphezu kwaKhe ,ukulungisa izinhliziyo zabantu ukumukela uJesu ,ukulungisela indlela yeNkosi . 

Kodwa ngesikhathi uJesu esebonakala naYe ,izixuku zayeka ukumlandela uJohane zanoJesu shaqa ,okungamangazi ukuthi kwagcina kuphatha kabi abafundi bakaJohane .Baya kuye bakhalaza  –Buka lomuntu okuthiwa nguJesu usentshonstha izixuku zakho .Yikuphi esizokwenza ngalokhu?  Nansi indlela uJohane aphendula ngayo : 

NgokukaJohane  3:29,30 Le ntokozo yami isiphelele. Umelwe ukukhula yena, nginciphe mina.

Futhi ,yiyona mpilo yomlandeli kaKhrestu okumele ibukeke ngayo .Noma ngabe iNkosi isibeke kuliphi ikhona lesivini lensimi yayo ,indaba ayingathi.Ingaye .Futhi okuthi uma yonke inkazimulo isiya kuJesu ,kulapho kanye sesikhululiwe ekuthunjweni .

Umelwe ukukhula yena, sinciphe thina 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..