Ukunikwa Amandla 101
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Izenzo 1:8 Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”
Sonke sizazela kahle ukuthi asimandla kokuthile ,siyashoda lapha nalapha .Kodwa kuhlale kunzima ukuba nakho konke okunqala kuhlangene esikhathini esisodwa .Kubukeka kuba khona okuye kudingakale kwenzeke.
Ngakho unqamulela ijika lapha nalaphaya .Futhi ngaphezu kwakho konke uma ukholwa nguJesu ,yebo phelala ufuna ukulalelwa .Usibizela ukuthanda labo abangathandeki ,ukubeka isibonelo esihle esinobuNkulunkulu.
Akufunayo kubukeka kunguluhla oluningi .Uzizwe ukhathala ukusebenza kanzima ,ukubuka ukwehluleka kwakho konke onakho
Yebo ,lowomdlandla wokwenza kahle kukho konke sikhathi sinye ukudle ngaphakathi .Mangase nje ngibe umuntu ongcono .Mangase nje ngibukeke njengoJesu ngaphezu kwalokhu engiyikho .Kodwa empeleni isukaphi yona lendaba yokuthi umelwe ukuhamba lolohambo uwedwa ?
Kubafundi bakhe ababephelelwe yithemba ,behlukumezekile ababembone equliswa icala ngokungenabulungiswa ,walengiswa esiphaphambanweni ngesihluku okwathi ngomangaliso wavuka ekufeni ,nakhu uJesu akusho kubo :
Izenzo 1:8 Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”
Futhi lamandla kaMoya oNgcwele ngawakho nawe ,name yebo nebala kuwo wonke umuntu obeka ithemba lakhe kuJesu .Amandla okuba ngcwele .
Amandla okuba ngumuntu ayekudalele ukuba nguyena .Amandla ukwenza okuhle ,ukuthanda ,ukukhazimula ukukhanya kwakhe kwabalahlekile nabalimele emhlabeni .
Akubizi ukuthi uhambe wedwa lendlela . Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.