... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuqhelisa Ukuhlulelwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:37 “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.

Listen to the radio broadcast of

Ukuqhelisa Ukuhlulelwa


Download audio file

Kuyamangazana ukuthi kukangakanani sihlulela abanye abantu .Ukuthi babukeka kanjani,ubuso babo,ukubukeka kwemizimba yabo uma bekhuluma ,bathini ,benzani.Kahle hle sihlulela abaningi abantu  usuku ngalunye . 

Ake ukucabange nje lokhu .Uhlangane nomuntu omusha empilweni yakho .Kuthini ukumfunda kwakho kokuqala? Ukuthi ubukeka kanjani.Futhi angisho ukuthi lokhu engizokusho akumnandi kodwa kuyikho,abantu babaphatha ngendlela ehlukile abantu ababukeka be-attractive  kunalabo ababizwa ngokuthi abekho  ‘attractive’.

Kodwa ngisho umuntu esimazi kahle . Uma besho utho esiphikisana nalo,senzenjani?  Siyabahlulela .Siyaqala sithi dedelele singabi nkamunkamu nabo sikwenze lokho ngokwahlulela okukhulu ngoba nakhu bengahambisani nathi.Kulapho kanye kuqala khona ungqubuzano.Ngakho  bekuzoba njani uma kuthiwe izinto besiziphathe ngendlela ehlukile ? 

NgokukaLukha  6:37 “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.

Bekuzothiwani uma kuthiwa sithe ukukuqhelisa ukwahlulela kwethu ? Bekuzoba njani ukuthi esikhundleni sokubahlulela sikhethe ukubathethelela ? Bekuzoba njani ukuba  kulesosikhathi kanye sivumele ukuba ngabantu kwabo –ubuntu bugeleze kubo ngamaphupho akho namathemba akho ,nokwehluleka [njengokuba nakithi kwenzeka]- ukuba sibenzele isihe nathi esisidingayo ?Ubudlelwane bethu bebuyoba nomehluko omngakanani? Umhlaba wethu ubuyoba nomehluko omngakanani? 

Ungqubuzano luqala khona kanye kulelothuba lokwahlulela .Isihe siqala uma sidedisa ukwahlulela .Ungqubuzano lwenzeka uma sizivala ekubeni nguluntu singasabaphathi ngalo esikhundleni salokho sesibaphathisa okwezinto .Uthando luqala uma silangazelela ukuqonda ukuthi kungani besho abakushoyo kumbe abakwenzayo . 

Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.