... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uma Kufa I- Billionaire

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:9-11 Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe, kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula. Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso

Listen to the radio broadcast of

Uma Kufa I- Billionaire


Download audio file

Umhlaba mawubuka ngokusabalele ubukeka amehlo ethe njo ekunotheni ? Imali,yimali,yimali.Ngingayenza kanjani eningi kunale ekhona ?  Ngingaba kanjani neningi kunale ukuze  ngikwazi ukukhokhela  izinto ezimnandi engizifisayo .

Ezokusakaza zibukeka zihlale zifuna ukubika ngokuthi ngubani onothe kakhulu kunabanye emhlabeni .Ngakube ngu Elon Musk ,Bill Gates Jeff Bezos we Amazon ,Warren Buffet nabanye ? Wonke amadoda amnotho wawo ubalwa ngokwamakhulu ezigidigidi  ze –US Dollars  ngokwezibalo abantu abale phansi ngomnotho wemali njengathi abangabalwa nakubalwa ngocikicane lo.

Labosomnotho babukeka bengathinteki .oke wamthinta uthinte inhlambvu yeso ,ngenxa yokubiyelwa nokuvikelwa  ngumnotho wabo ,kuze kube sengathi akukho lutho olungabathinta olungenzeka kubo .Kodwa khona kunjalo akulona iqiniso loqobo lempilo ngokobunjalo bayo lelo .

EkaJakobe  1:9-11 Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe, kepha oyisicebi makazincome

ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.  Ngokuba ilanga liphuma libalele,

libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso

Umnotho awukwazi ukukubiyela ukuvikele emshadweni ozikile ,enganeni engezwa ,ekuphathekeni kabi nasekudumaleni .Awukwazi ngisho ukukuvikela ezintweni ezimbi ezikwehlelayo ,zikuthobise.Futhi nebala umnotho ngeke sanhlobo ukuvikele ekutheni ungafi .

Ngiyakuncenga ungavumi noma mnothomomuni onawo ukukhohlisele ekuzizweni ungophephile  ngokungamampunge ,njengokuba abantu abaningi abanothile bezikhohlisa kanjalo .

kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso .Ebese elinye itoliko lithi : Ngesikhathi kanye nje besathi benza izinhlelo zamabhizinisi abo ,bazofa .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.