... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umi Kuphi ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 19:25,26 Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.”

Listen to the radio broadcast of

Umi Kuphi ?


Download audio file

Sewake waqaphela ukuthi uma impio iqhubeka kamnandi  uba nabantu abaningi abakuzungezile . Kodwa ngomzuzwana mazike zavese zajika izinto ,abantu bavese banyamalale bahwamuke njengenkungu usale ungumtshingo bethwa ngubani  ?

Ngicabanga akumele kusethuse lokho ngoba kuyimvelo eluntwini ukuthi uma insimbi ishisa sengathi ungayidedela .Bambalwa abantu abakulungele ukubhekana nezimo ezinzima bahambisane nawe ukuzo kanye .

Ngakho umbuzo uthi luhlobo luni lomuntu oyilo ? Uyilo omayo nomuntu ezikhathini zobunzima kumbe uphela emehlweni  njengenkungu ?

Ngesikhathi uJesu wayenza izimangaliso ezithatha amehlo abantu ,izinkulungwane zazitheleka kuye .Kwakuvalwa idolobha lime nse ukuze bonke abantu baye  enkundleni la uJesu okhona khona  bezomuzwa ekhuluma .

Okwagcina eqoka abangu 12 kulabo ,wabenza isigungu sakhe esikhulu .Kulabo ,bathathu kuphela abaya naye ensimini yaseGetsemane  beyokhuleka naye  ebusuku akhashelwa ngabo .Okwathu emva kwalokho lwafika usuku olumnyama:

NgokukaJohane  19:25,26 Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.”

La kunesiphambano khona kwakukhona abesifazane abane [omunye wabo kunguNina kaJesu] nomfundi oyedwa kuphela .Babekuphi bonke laba abanye lezinkulungwane …kumbe okungenani laba abayishumi nambili ?  

Iqiniso limile ukuthi : ngesikhathi usondela kakhulu esiphambanweni abangani bayangokuya beshoda .Ngakho wena shlobo sami umi kuphi  ?

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.