... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umyalelo Ukuthethelela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:13 Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

UJesu wasifela kulesosiphambano ukuze mina nawe sithethelelwe .Wavuka ukuze sihambe kwimpilo entsha sha ,ukusuka la siya kwiphakade .Yingakho lokhu kubizwa ‘ngezindaba ezinhle’ .Kodwa ngiye ngizibuze ukuthi ekaze kwenzakani uma sifaka isicathulo kolunye unyawo.Ngiyazibuza impela .

Iphuzu lokuthi mina nawe sisindisiwe ngomnikelo ongumnqamlajuqu lo uJesu owawenza ,lokho kuyizindaba ezinhle .Yizindaba lezo esithandayo ukuzizwa  – ngenxa yokuthi  ngalokhu asenzela khona ,ngoba uma sibeka ukholo lwethu kuYe ,sesikuvimbile obekuzoza kithina .Intukuthelo kaNkulunkulu ,ukuhlukana noNkulunkulu ingunapahakade .Ayibongwe iNkosi ! 

Kodwa manje umbuzo uthi ,thina sithethelela kangakanani ? Uma umuntu esenza  kabi njengokuba nathi samenza kabi uNkulunkulu ,sikulungele kangakanani ukwehlela ngenzansi  sinikele ngalokhu esinamalungelo akho ,kungaba ngubulungiswa ,ukubuyiselwa okungokwethu ,sibathethelele? 

Kwabasekolose  3:13 Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

Nginomuzwa wokudinwa ,ongathi uma  usunyukile ungaqoba umuntu umenze izicucu .

Ngempela.Lokho kubuka impilo bekuyizindaba ezinhle kimi ngalabo abangonile .Kodwa uma ngizothatha izindaba ezinhle zikaJesu ngokwempela ,nakanjani simelwe kulesosigaba ukuba sibe yizindaba ezinhle kwabanye .Sonke nathi sibiziwe  – kahle siyaliwe ,ukuthethelela abanye ngoba ngezinhlupheko zikaKhrestu ,uNkulunkulu wasithethelela .Lokhu akusona isengezo nje ongasithatha uma usidinga kodwa kungumyalo. 

Nibekezelelane, nithethelelane 

Kungani? Yingoba ngegazi laKhe ,elacwiliswa ezinhluphekweni ,iNkosi yasithethelela.Ngakho sihlobo angicele ukubuza ; ngakube uyizindaba ezinhle noma ezimbi kubantu ophila nabo ? 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..