... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungakwesabi Ukuba Mncane

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 1:1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu

Siye sizizwe sibancane futhi singabonakali ezikhathini ezehlukene  – mhlawumbe yiyona ndlela ozizwa ngayo njengamanje .Umncane – ungabonakali .Futhi kulomhlaba oqhuba ukuba ngophumelelayo ,siye sikucabange ukuthi kubi ukukucabanga lokho . 

Kunento kithi ngamunye  engaphakathi elangazelela ukubonakala ,ukuba abantu bamangazwe yimpumelelo yethu .UMphostoli Phawuli wayengomunye walabo .Andukuba ahlangane noJesu emgwaqeni waseDamaseku igama lakhe labe linguSawuli – eqanjwe ngenkosi yokuqala yakwa Israel ,indoda eyayinde  ibukeka . Wabe engowesizwe sakwaBhenjamini ,ilunga lomkhandlu owawubusa ngokwesiJuda , ubizwa nge Sanhedrin,wayefunde ezikoleni zenkolo nomthetho wabaJuda eziphambili. 

Njengokuba ezibhalela yena luqobo umfarisi wabafarisi ,umzingeli webandla ,olungile ngaphansi komthetho .Uma kwakukhona umuntu owayenelungelo lokubizwa ngophumelelayo kwabe kunguyena .Kodwa ngamhla ehlangana noJesu emgwaqeni waseDamaseku ,

iNkosi yamnika igama elisha.Akaphindanga wabizwa ngokuthi Sawuli kwathiwa nguPhawuli ,okuyigama alisebenzisa impilo yakhe yonke . 

KwabaseFesu  1:1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu

Manje pho yini esegameni ,kungenzeka ubuze kanjalo? Yebo,phela kwakuchaza yonke into ngokwesiko lesiHebheru.Igama lakho lalichaza wena ,futhi uyazi lona leli likaPhawuli lichazani ? Lichaza okusobala nje lithi “okuncane /omncane” . 

Ngakho ukuze lendoda eyayinesibindi ingenandaba namuntu ,ihlukumeza ngokwabantu ingephumelelayo  ukuze ibe ngosebenzisekayo ezandleni zikaNkulunkulu ,ibe ngumphostoli othunywe ngentando kaNkulunkulu  ukwenza umsebenzi waKhe ,ukubhala cishe uhhafu wonke weThestamente Elisha ,kwabiza ukuba uSawule aphenduke uPhawuli. 

Kwabiza ukuba enziwe abe ngomncane .Kwabiza ukuba  athotshiswe .. 

Uma ukuKhrestu ungakwesabi ukuba mncane .Kahle hle kuyinto enhle .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..