... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Vuleleka Ukufunda

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 1:1-6 Nazi izaga zikaSolomoni indodana kaDavide ,inkosi yakwa-Israel ,zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa ,nokwahlukanisa amazwi okuqonda ,nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha ,nokulunga ,nokwahlulela ,neqiniso ,nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha ,nezinsizwa ukwazi namasu ,ukuze ohlakaniphileyo ezwe aqhubeke ekufundeni noqondileyo athole iziluleko ezinhle .,ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo ,namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo .

Nangu wena uzithole upheka lesibiliboco sesidlo kodwa bese uyakhumbula ukuthi ukhohlwe nya  yisinongo esiwukhiye  .Nguwe lowaya sewugijimela esitolo .

Kodwa uthi ungathi ngqu e-supermarket uzithele kuphawu olulenga emnyango oluthi ‘sekuvaliwe’.Uba nomuzwa onjani ke lapho !  

Akukhona lokhu okufunayo ! Ufuna lesisitolo sivule sisebenze ngokujwayelekile ,angithi? Ngoba ngaphandle kwalesinongo esishodile ,isitshulu sakho asizukushaya khona .

Kodwa umbuzo uthi ngakube thina luqobo kungakanani silulengisa loluphawu oluthi ; ‘sekuvaliwe’,esikhathini lakhona okusuke kumele engabe sifunda  utho olusha kumbe silungise okuthile kwinqubo kuphila kwethu ?

Angazi kuwe kunjani ngoba mina mumva le ngisemncane nganginjalo ngoba ngangizitshela ngazi konke .Kuwe? Yingakho iNkosi uSolomoni ezinsukwini zayo ,yahlela ukufundisa  amadodana akhe ayesangabantu abasha ,edlulisa kuwo inhlakanipho ayifunde iminyaka ,nakhu akusho  :

Izaga 1:1-6 Nazi izaga zikaSolomoni indodana kaDavide ,inkosi yakwa-Israel ,zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa ,nokwahlukanisa amazwi okuqonda ,nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha ,nokulunga ,nokwahlulela ,neqiniso ,nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha ,nezinsizwa ukwazi namasu ,ukuze ohlakaniphileyo ezwe  aqhubeke ekufundeni  noqondileyo athole iziluleko ezinhle .,ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo ,namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo .

Sihlobo  sami masekuziwa ekulungisweni ,ekufundeni okusha ,qiniseka uvulile  24/7. Mlalele uNkulunkulu ngoba inhlakanipho yakhe iyakukuguqula empilweni yakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.