... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Sewuke Washebeleka Njengomkhumbi Empilweni Yakho ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isambulo 3:3 Ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.

Listen to the radio broadcast of

Sewuke Washebeleka Njengomkhumbi Empilweni Yakho ?


Download audio file

Ukushebeleza ngomkhumbi kungukuzikhipha okuthokozelwa ngabaningi emhlabeni .Hle hle ,bangaphezu kuka, 30 million abantu emhlabeni wonke nyakenye  ababeshebeleza ngemikhumbi bevakasha  ,okuyisibalo lesi okulindeleke eminyakeni emithathu sikhule sifinyelele ku  40 million .

Impela yingakho kungukuzikhipha okumnandi ngoba masungenile nje emkhumbini unjengomuntu ohlukene  nomhlaba ,konke okuyimisebenzi yosuku uyakukhohlwa ,usantweza olwandle ,konke kuqoqiwe kwabekwa la eduze kuwe ,wena zibiliboco  wena ni ,nokuningi ?

Kwake kwanesidlo lakhona zazimbiwe yinsele yazishiya ,beficela  kwacwebezela izisu  kwi -First Class dinner menu ye- RMS Titanic lalithambeme  ilanga mhlaka 14 April , 1912 .

Asikho isitshulu esasingekho kwezekhethelo kukhala imfologo ummese nepleti ngapha nangapha  kungamashibedwane kwehla esphundu ungeke wasinika isaguga  esingaboni ,nazo zonke iziphuzo zaseFrance zazidekiwe kudideka amahlo  engazi akhetheni kusaleni ngoba injani  .

Pho olokufa alutsheli ,kwaba  phakathi  naso lesisidlo sekhethelo lakhona iTitanic yaveza yangquzula intabaqhwa yasolwandle[iceberg]  . Okwathi emva kwamahora ambalwa lomkhumbi okwakuthiwe inguzanguza engaziki ,yavese yaklayeka iTitanic qede yangcezumbili  yazika yayoshona otweni lolwandle ,kwabe sekungukushona kwelanga njalo kulemphefumulo .

Lababafo babephila emnandi impilo le emkhunjini odlula yonke eminye ngobukhazikhazi nokuqina ,nokho okwathi njengesela ebusuku ,lentabaqhwa eyangquzula  iTitanic yephuca abantu abangu 1500 ukuphila kwabo qobo .

Isambulo  3:3 Ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.

Shlobo sami noma ngabe impilo ingabukeka ibuthebelele kamnandi konke kukuhle kudelile ,kodwa ukuphetha kwakho nokwami kungavele kufike ngokuphazima kweso ,qede sisho njengoba sisho ngezenze sithi nangu ubela .Umbuzo shlobo sami ngakube usukulengele ukuphetha kwayo?

Phaphama .Beka ithemba lakho kuJesu owakufela esiphambanweni wavuka ukuze akusindise .Guqula inhliziyo yakho nempilo yakho ,ngoba awazi isiphetho sakho sizofika nini .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy