Izindaba Ezinhle ,Izindaba Ezimbi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Izenzo 17:30,31 Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke, njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-6.jpg)
Yebo namhlanje kunezindaba ezinhle nezimbi .Ake siqale ngezinhle : UNkulunkulu ukuthanda ngaphezu kokuchaza uJesu weza ukuzofela izono zakho ukuze uthethelelwe ngokuphelele .Izindaba ezimbi ngukuthi ,uma ugcina ngokungazimukeli izindaba ezinhle uzokwahlulela akuphonse ephakadeni eligengqezayo la engekho khona ,endaweni ebizwa ngesiHogo .
Ngiyazi ,yebo ngazi kahle.Ukuthi kulesizukulwane sesimanje ngumqondo ophuphile lowo . Ngempela? LawoMaKhrestu ngakube asakhuluma leyomfeketho ? Kungaba kanjani ukuthi loNkulunkulu wawo ogcwele uthando ayise abantu esihogweni ? Hhayi siyekeni thina bo!
Kumbe mhlawumbe ngokujulile uyazikholelwa izindaba ezinhle zikaJesu ,kodwa uphila impilo yakho okwenza konke lokhu ungakuphili ngokunethezeka .Noma ngabe ukuphi njengamanje nakhu indlela uNkulunkulu akusho ngayo:
Izenzo 17:30,31 Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke, njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo! ”
Yebo siyakudinga ukukholwa ukubeka ukholo lwethu kuJesu . Kodwa ukhiye oyingxenye yalezindaba ezinhle ngukuphendula kwethu kuzo –ukuguquka qede sibuyele kuye .
Njengokuba u- As A.W. Tozer ekubeka kanje , “Umqondo wokuthi uNkulunkulu uzoxolela isidlwabuladlwedlwe esingakuyekile ubudlwabuladlwedlwe baso ,kuyaphikisana nomqondo wokuphila kanjalo neziBhalo imbala .”
Phenduka ubuyele kuye .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.