... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphindisela Okwedlula Konke

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 12:17-19 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; 18 uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; 19 ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngoku ba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.

Listen to the radio broadcast of

Ukuphindisela Okwedlula Konke


Download audio file

Ngesikhathi kunomuntu osekucasule  kwavevezela izindebe zomlomo ,kwashaya inhliziyo mawala, kwamnyama amehlo ,yini into elandelayo ekufikelayo ngalomuntu okwenze bukwayo ? Ukuziphindiselela .Okumnandi ukuziphindiselela lokhu .

Into echazanayo ngalokho yilokhu : isizathu silangazelela lowomuzwa wokuziphindiselela yingoba senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu  ngakho ,kuvuka umoya wobulungiswa kithi ngokunamandla phezu kwalomoya ongenabulungiswa ophambi kwethu  .

Futhi ubulungiswa bubiza ukuthi okungebulungiswa akuqondiswe kuthi thwi .Bubiza ukuthi abajeziswe qede kubuyiselwe umonakalo owenziwe ,ekugcineni kwakho konke okuyikho khona kanye uJesu wafela mina nawe esiphambanweni; ukulungisa okonakele ,asithwalele ukufambula kwethu .

Ngakho esikhundleni sokuziphindiselela kithi ngokuhlubuka uNkulunkulu ,uNkulunkulu uqobo lwakhe ,ngokufa kukaJesu kulesosiphambano ,wakhokha inani lesono  sethu elalifunwa ngubulungiswa bakhe .

Uma ukucabangisisa kahle kuyinto ephambene ngendlela eyenzeka ngayo uma kwenziwe ukungabi nabulungiswa .Lokhu kwaba yimpendulo evela othandweni lwakhe olukhulu ngathi .

Mhlawumbe esingakwenza ngukushiyela ubulungiswa kuye :

KwabaseRoma  12:17-19    Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; 18 uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; 19 ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngoku ba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.

Ngamanye amazwi ukuziphindiselela okukhulu kakhulu ngukungakwenzi sanhlobo . Yelapheka qede uhlabele phambili ,ungafani nalaba abakulimazile .

Khona manjalo ,ulinde uNkulunkulu ukubajezisa ngentukuthelo yaKhe uma kuwukuthi uyokubona kufanele lokho.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.