... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Bekezela Ezikhathini Zenhlupheko

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 5:11 Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.

Listen to the radio broadcast of

Bekezela Ezikhathini Zenhlupheko


Download audio file

Hlobo luni lwenhlupheko obhekene  nalo njengamanje ?  Yini le ekudlayo ,emunca wonnke  ujuice wempilo kuwe ? Futhi ndlelani obhekana nakho ?  

Abanye abantu uma ubabuka ngaphandle babukeka konke ku-smooth .Kodwa okuthi masuthola ingaphakathi labo qede ubone ukuthi kuyigobolondo ngaphakathi.

Abanye okuthi masibabuka sibaqhathanisa nathi sonke ,babonakala izimpilo zabo zilimele kakhulu. Kodwa babukeka benokuthula okukhulu ngezimo abakuzona khona zinjalo .Bagcwele ukumoyizela phezu kwezimo zonke ezibabhekile .Banalokhukuthula okujulile okungaphakathi ,ongeke wakuqonda ngokobuntu .Lokho kwenzeka kanjani ? 

EkaJakobe  5:11 Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.

Ukumukela izinkinga zakho ngokubekezela .Kungucela okukhulu lokhu ,kodwa uJakobe uma ebhalela labazalwane abahlushwayo abahlakazekile emazweni angaziwa ,uletha ubufakazi obucacile ,ebakhomba emumva kuJobe ngezinkinga ezinzima abhekana nazo kwi Thestamente Elidala .Izinhlupho ezazinzima !  

Futhi uNkulunkulu yikuphi akwenza ? UNkulunkulu wamsiza ngendlela enkulu impela [uma kuwukuthi indaba yakhe uyayazi] okungubufakazi obucacile ukuthi uJehova uNkulunkulu wethu ugcwele umusa nezibele . 

Ungabekezela kanjani phakathi  nezinhlupheko zakho ? Ngokuba nomuzwa wena luqobo ukuthi uNkulunkulu nembala unomusa nezibele .Futhi kuleyondawo kanye kunentokozo ,kunokubekezela ,kunokuthula ,kunesibusiso saKhe .Bekezela . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.