... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UJehova Ukunika Amandla

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Habakukhi 3:19 UJehova iNkosi yami ungamandla ami,wenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi ,angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo.

Listen to the radio broadcast of

UJehova Ukunika Amandla


Download audio file

Ezikahthini lakhona izinto zimelene nathi kuqhamuka ukuvivinywa nezingxaki zonke zokuphila ,esisuke sikudinga ngamandla ,nejubane ukukwazi ukuthubeleza  size siphumele ngale.Yilokho kanye esikudingayo  !

Izolo  ngokubuka umphrofethi uHabakukhi sithole ukuthi esikhathini lakhona konke kungenzeki ngendlela yethu ,isu likaNkulunkulu ukunqoba kukho konke ngukufeza ukholo lwethu olunganyakaziseki  ukuthokoza ngoJehova ujabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwakho khona kanye esimweni esiphikisana nathi 

Futhi nakuba kunzima kuphikisana nengqondo ukuveza lolukholo olunganyakiziseki nasezimweni ezinzima ,sizwa uHabakukhi     esesixoxela okwagcina kwenzeka kuye :

Habakukhi 3:19 UJehova iNkosi yami ungamandla ami,wenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi ,angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo.

Lamandla aqhamukaphi empeleni? Ngakube yinto esidinga ukuyivusa la kungekho lutho khona ?  UJehova iNkosi yami ungamandla ami. Ngkwezinga lokuthi  wenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi ,angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo

Ake uyicabange lenyamazane ikhwebula ngejubane ezindaweni eziyizintaba  ezidledlezelayo ezinamahlathi okungelula ukugijima kuzo .Yisona sithombe kanye samandla ,nokucinelela  okuvezwa lapha .Ngubani wonke lo owenza kwenzeke ezinsukwini zikaHabakukhi ezazimnyama ? NguNkulunkulu uqobo owakwenza  . 

Lasingenamandla khona uNkulunkulu unawo futhi uzosinika amandla nejubane okungelona elomuntu  ngisho nasezinsukwini ezimnyama kakhulu –kulabo abathandayo . 

UJehova iNkosi yami ungamandla ami,wenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi ,angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.