... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhanya Okukhanya Enhliziyweni Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 119:30 Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami

Listen to the radio broadcast of

Ukukhanya Okukhanya Enhliziyweni Yakho


Download audio file

Uyazi makusuke kunento esikukhathaze iminyaka .Uthole ukuthi awucacelwe kodwa khona uyezwa kunento  ekukhathazile .

Bese kuthi esikhaleni ungalindele kuvele qhah kube sengathi kukhanya ugesi konke kuvese kuhlangane kalula .

Ngake ngacelwa ngomunye umshumayeli osemusha ukumnika i-feedback.Ngakho sabuka ivideo yentshumayelo ayeyisanda kuyishumayela ,siyidlale sibuye sime ,sikhulume ngalokhu nalokhu ,ngimbuza imibuzo,naye ejula ukucinga izimpendulo .

Okwaba ngokuphawulekayo kwaba lapho esethi “uyazi ungathi ngashumayela izintshumayelo ezimbili ,nakuba ngazama ukuzihlanganisa emyalezweni owodwa” .Yebo nebala yilokho kanye engangithemba ukuthi uzokubona .Kwakungathi sekukhanya ukukukhanya kuye .

Kodwa kwakungeke kwenzeke uma engasithathanga isinyathelo sokubuza ,uma ngabe kuwukuthi inhliziyo yakhe yayingakulindele ukuthola ukugxekwa okwakhayo  [njalo akulula lokho ungakuthathi kancane] uma engazange akhuthale ukukwazi ukuqonda .Kuba njalo ngezwi likaNkulunkulu futhi :

Amahubo  119:30 Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami

Mina nawe sidinga ukuzipha isikhathi ukulifunda ,ukuliqonda ,ukulifunda siliphindelela, okuthi uma sikwenza lokho kuletha ukukhanya ezimpilweni zethu .

Ngakube uzokhetha ukuba ngohlakaniphile kumbe umuntu nje ojwayelekile ? Uyafuna ukufunda ,ukukhula ,ukuba yilokho uNkulunkulu akwenza ukuba ube yikho? Ngakho vula iZwi likaNkulunkulu bese uyalifunda ,limukele ,zindla ngalo bese uyaphendula kwelikushoyo .Liyoletha ukukhanya empilweni  yakho ,likuhlakaniphise .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.