... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imisebenzi Emikhulu Kankulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jeremiya 32:17 E Nkosi Jehova bheka wena wenzile izulu nomhlaba ngmandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo;akukho lutho olukwahlulayo .

Listen to the radio broadcast of

Imisebenzi Emikhulu Kankulunkulu


Download audio file

Suwake walangazelela ukufinyelela ukwenza okukhulu ukwenzela uNkulunkulu? Sewake waphupha uNkulunkulu esebenza ngawe ngokunamandla ezimpilweni zabanye abantu ? Kwabaningi kuhlala kumile kuyiphupho kubo .

Noma ubani othanda uJesu usebile nalelophupho ,lowomcabango wokwenzela uNkulunkulu okukhulu kakhulu;Into enkulu kakhulu ezoba neqhaza elikhulu ezimpilweni zalabo abaseduze kwethu nomhlaba wonke .

 Kodwa esithola ukuthi izingcindezi zosuku nosuku simbondelana kweqe kithi .

Kuba njalo nje ,sekwanele ngokuphupha manje ! Ngakho sithi bhum phansi emhlabathini.Inkinga ngalawomaphupho ngukuthi siza kuwo ngohlangothi olungeluhle .Siwabuka ngokwamehlo ethu esingakwenza ,esikhundleni salokho uNkulunkulu yena luqobo asevele uyakwenza .

KwiThestamente Elidala kubhala umphrofethi uJeremiya athi :

Jeremiya 32:17 E Nkosi Jehova bheka wena wenzile izulu nomhlaba ngmandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo;akukho lutho olukwahlulayo .

Esikhathini lakhona u-Israel wayebhekene nobutha ,yilapho kanye ebakhumbuza uNkulunkulu ukuthi ngubani onamandla amakhulu .Okukuye kungekho lutho olungenzeke.

Ngokwethu ukubuka imisebenzi emikhulu kubukeka kungenakwenzeka .

Usomishana weminyaka edlule owayebizelwe  eChina, u-Hudson Taylor, wazi kahle . Wabhekana nabamelane naye ngendlela engachazeki.Kodwa ngokuzuza ulwazi oluningi ekukhonzeni iNkosi iminyaka ,wabhala lokhu  “Ngifunde ukuthi kunezigaba ezintathu kuyo yonke imisebenzi kaNkulunkulu … Okokuqala akunakwenzeka , bese kuzoba nzima ,emva kwalokho sekwenzekile  .”

Leyomsebenzi emikhulu esiyiphuphayo akuyona eyethu kodwa imisebenzi kaNkulunkulu  … akukho lutho olukwahlulayo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.