... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Bamba Lonyaka Ophambi Kwethu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 4:13-15 Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.”

Listen to the radio broadcast of

Bamba Lonyaka Ophambi Kwethu


Download audio file

Zithini izinhlelo zonyaka wakho omusha ? Ngakube zinhlelo ezinhle ezivusa ulangazelelo enhliziyweni yakho ? Kumbe kunongabazane oluhlezi phezu kwakho njengefu elimnyama ?  

Ngesikhathi  usacabanga ngakho angisho ukuthi kunohlobo olubili lwezinhlelo . Amacebo a-positive okuthi uma siwahlela sibe ngabagcwele ugqozi ,ebese kuba nama plan [ebengingawabiza ngokuthi a-negative] okuthi masiwahlela sizwe kugcwele imfithimgfithi .

Kodwa kwesinye isikhathi izinto azenzeki ngendlela ebesibheke ngayo .Izinhlelo zethu ezinhle zivese ziwele emabibini.Izinto ezinhle ebesizitshela zizokwenzeka zivese zingenzeki .Ngakho phezu kwakho konke ukungazi yikuphi okuzokwenzeka wena uwubamba kanjani lonyaka esibhekana nawo njengamanje ?

Uzicija kanjani ngobunjalo bezinto ukuthi noma kungaba yikuphi okwenzekayo phezu kokuhlela kwakho kodwa ukwazi ukubhekana nakho kukuhle kumuncu kunjalo ? Ngoba nansi la elele khona  …

EkaJakobe  4:13-15 Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso

siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”anikwazi

okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.

Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.”

Ngamanye amazwi ungathembi kuwe .Ungaziqhoshi ngokokuthi uhlele kanjani ngokukhaliphile kodwa ncika kuNkulunkulu .Ukwazi konke .Uhlale ethembekile .Uyakuthanda phezu kokuba amagama ubengachaza . 

“Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.”

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.