... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yikuphi Okuhle ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Mika 6:8 Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

Listen to the radio broadcast of

Yikuphi Okuhle ?


Download audio file

Kubukeka sengathi indlela kuphela yokuphila uqhelile ebubini obuthandwa yilomhlaba ,obuphethe  wonke amakhona esijikela kuwo empilweni ,umqondo uthi kungaba ngukuzivalela wedwa  ngakube kunjalo ngempela ?

Ngike ngathola i-email yendoda eyazana noJesu ngenxa yalama devotion.Kodwa ngenxa yezwe ehlala kulo kumele izigcine ifihlekile ingaphumelile obala ngoba  isilikholwa  ngenxa yokwesabela ukuhlushwa ngevangeli .

Kahle hle isaqhubeka ihlala  kubo ,emzini ogcwele izithixo wonke amakamero  endlu .

Noma yikuphi la ophila khona ,noma yisiphi isimo ,noma isiko lakhona lithini ,ugcina sewuminze kulo ,impilo injalo.Amanga ayaqhubeka ehebeza endlebeni .Kahle hle uNkulunkulu ngomfowabo kaJesu uJakobe ukhuluma lesisexwayiso :

EkaJakobe  1:21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Mina nawe asikwazi ukuqeda bonke ububi kulomhlaba .Futhi asikwazi ukuziphilela sodwa  .Akukhona lokho kanye uNkulunkulu asibizela ukukwenza lapha .

Kunalokho usitshela ukuthi : lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo,  qede samukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Shlobo sami ungaphila endlini egcwele izithixo kodwa ukukhethe ukungazikhonzi zikhona .Ungazungezwa wububi kodwa ukhethe ukungazibandakanyi nabo .

Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.