... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungowasiphi Isizwe ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Galatians 2:20 Ngibethelwe kanye noKristu;  akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. 

Listen to the radio broadcast of

Ungowasiphi Isizwe ?


Download audio file

Selokhu kwathi nhlo  uluntu luzihlukanisa ngokwezizwe  –ngokwendawo ngezigodi ,ngesiko,ngebala ngepolitiki ,ngisho nangenhlangano yebhola esiyisaphothayo .Noma ngabe sikucwenga ngandlelani kodwa siyathanda ukuba yingxenye yesigodi .

Futhi ubuzwe kumbe lesigodi ozibiza ngabo uye ufuna ukuzivikela kubo kungabikho muntu ofuna ukuzokuphuca okungokwakho ,ozodla ihlabathi lakho .Ngoba phela ekugcineni ngifanelwe ukuba yimi kokungokwami kokuyimi,ubuzwe busho njalo . Ngifanelwe ukuba mdibi munye nobuzwe bami ngithole konke okungifanele .  

Ngakho ngingakubuza namhlanje ukuthi buzwe buni oyingxenye yabo ? Umbuzo wesibili lobobulunga bobuzwe bakho bunomthelela onjani ebudlelwaneni bakho noNkulunkulu? Umfundisi nombhali wase Melika u- Dale Partridge ukubeka kanje :

“Wena yiba nguwe ” uSathane ungumbombayi kokukaNkulunkulu, “Yibani ngcwele njengokuba ngingcwele .” angifuni ukuba yimi .Kwabiza ukuba uNkulunkulu angisindise ekubeni yimi.Ngimi noPhawuli owathi  … 

Galatians 2:20 Ngibethelwe kanye noKristu;  akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. 

U-Partridge iphuzu lakhe lapha ,futhi ngicabanga ukuthi lihle ,uchaza ukuthi baningi emhlabeni abazibiza ngabakaNkulunkulu kodwa izinto zomhlaba ezenza bagcine belahlekelwa wuqobo lwabayikho kuYe .

Ngingowalenhlangano yezepolitiki. Ngikholwa kuloluhlobo lwenkululeko.Ngubulili bami lobu .Yilokhu engiyikho .Ngakube ngamagama ojwayele ukuwezwa lawo?  Kodwa uma ukholwa nguJesu yazi lokhu ,weza ukuzokusindisa kulokhu owawuyikhona . 

Ngibethelwe kanye noKristu;  akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi

Ungavumi ubuzwe bakho bukuphuce lokhu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.