... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Thokoza Ulile Futhi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 12:15 Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

Listen to the radio broadcast of

Thokoza Ulile Futhi


Download audio file

Nantu ucwaningo olwethusayo .Sisebenzisa iminyaka ela ko 17 ubuso bethu bugqolozele iscreen se-phone  ekuphileni kwethu.Lokho okuchaza amahora angu  145,800 kumbe asithi u 33% emahoreni esiwasebenzayo . Kushubisa umqondo ukukucabanga . 

Ake sizihlaziye kahle lezibalo .Kuchaza ukuthi emahoreni angu 24 sizolala cishe amahora angu 8 .Lokho okusishiya namahora angu 16 sibhekile .

Uma sisebenzisa ingxenye yawo emsebenzini  izinsuku ezingu 5 esontweni ebese ingxenyana  yawo siyisebenzise kuma foni ethu lokho kushiya amahora amancane osukwini ukwenza okunye .Sincane kakhulu isikhathi sokunye !  

Lokho kwenzani ebudlelwaneni bethu ? Kwenzani ebudlelwaneni bakho ?  Imishado iyaklayeka .Izingane zikhula zingenabuzali obuzelusile .

Lokho kukhulisa izinkinga eziba nezingxabo ezidephile  psychological futhi lokho kwandisa izinkinga emphakathini yethu njengamagciwane ezifo ezinkulu zomhlaba .Yisithombe esingasihle leso.

Yikuphi mina nawe esingakwenza ukunqamula lomjikilezo ukulokhu uqhubeka ? Ake sifake inkambiso ehloliwe ,eyisidala ,engebhayibheli ,inhlakanipho kaNkulunkulu kulezingqinamba esibhekene nazo emphakathini yethu  :

KwabaseRoma  12:15Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

Ngamanye amazwi ,ziphe isikhathi ,ziphe ithuba lokubhalansisa imizwa yenhliziyo yakho  ukukwazi ukuzwelana nabanye abantu .Yima.

Thokoza nengane yakho uma yenze kahle kwezemidlalo kumbe kukhona okuncane ekuzuzile empilweni .Thokoza ngeqiniso nalabo abathokozayo . 

Futhi uma kukhona abakhalayo enhliziyweni yakho ,khala kunye nabo .Yiba nabo ,hlala nabo phansi uma kufanele ,ukhale kunye  nabo.

Ukuzwelana nomunye umuntu entokozweni yakhe kumbe ekukhaleni akukhona , yinto enamandla .Yibhriji eliphakathi kwabantu ababili eliyokuma linamandla impilo yabo yonke .Yibhriji eliphakathi kwabantu ababili ,uJesu akhetha ukuhamba ngalo uma esuka komunye eya komunye awelele kuye ngalo  

Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.