... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Vumela UJesu Akuguqule

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 4:32 Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

Listen to the radio broadcast of

Vumela UJesu Akuguqule


Download audio file

Angazi kunjani kuwe ,kodwa mina ngiye ngikuthole kunzima ukuguqula izinkambiso -mikhuba ezingezinhle  ezisuke sezinamathele kimi isikhathi eside . Kahle hle uma sizothembeka kithi uqobo lwethu kuyinto eqhelile ngokwamandla ethu ukukwenza . 

Lokho kusibekela into eyinkinga ,ngoba iZwi likaNkulunkulu ligcwele imithetho  yokuphila ukuphila okuhle .Ake uthathe lo nje :

KwabaseFesu  4:32 Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane

Awukwazi ukuphikisana nalokho . Uma ufuna ukuphila impilo enhle ,ufuna ukuba impilo yakho icwazimule kulomhlaba ,uma ufuna ukuba yinxusa elethembekile likaJesu Khrestu ,nebala umelwe ukuba nezibele nothando kulabo abaseduze nawe. Nebala umelwe ukubathethelela hhayi kanye nje kuphela kodwa kaninginingi njengokuba uJesu washo .

Kodwa ake uthembeke kulokhu .Kodwa esikhathini lakhona kunomuntu owenza ubuwula kuwe kumbe alokhu ekuhamba ngemumva ,uye ukuthole kulula kanjani ukumthethelela lowomuntu ?   Ngokuphindelela?

Esisuke sikudinga kulesosikhathi ukuba  ngabanothando nentethelelo kubo . Sidinga amandla okukwenza .Ngakho ake ngikunike lonke lelivesi liphelele kanjalo namandla akulo ngasekugcineni . 

KwabaseFesu 4:32 Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

Ubukhulu bokusithethelela kukaNkulunkulu ngokunikela ngeNdodana yakhe kulesosiphambano buyinto emangazayo namagama angeke akwazi ukuchaza sibe sasimone kangaka .Nguye oyisizathu sokuthi kungenzeka .Ungamandla .Vumela uJesu akuguqule . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.