... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lindela Izinto Ezinkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 126:1-6 Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo. 2 Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu. 3 UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula. 4 Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu njengemifula yaseningizimu. 5 Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza. 6 Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.

Listen to the radio broadcast of

Lindela Izinto Ezinkulu


Download audio file

Ngiyazibuza engabe uma sithandaza asiyi yini kuNkulunkulu ngokulindela okuncane .Ngakube uyangizwa kwakhona kodwa ? Ukhathazekile kwakhona kodwa ? Ukhona kwakhona kodwa? Ukulindela okuphansi nebala  

Manje ngizwe kahle angikho kuloluhlobo lwemfundiso ethi : “masukushilo usunakho –name it and claim it’ ngoba ezintweni zonke uNkulunkulu uPhezukwakho konke ;intando yakhe izokwenziwa .Nokho izibhalo zigcwele imikhuleko enokulindela okukhulu .Nanku omunye waleyo  :

Amahubo  126:1-6 Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo. Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu. UJehova usenzele izinto ezinkulu, sajabula. Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu njengemifula yaseningizimu. Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza. Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.

Manje ungizwe kahle angisho ukuthi uNkulunkulu uzovele asiphe noma yimaphi amaswidi esiwafunayo kumbe adansele isiginci sethu .Kungaba ukungabi nangqondo lokho.

Nokho loMhubi unokulindela okukhulu nebala .Enye yezinto eyabhalwa ngumfundisi walapha e-Ningizimu Afrika u-Andrew Murray ingena khaxa ngokujulile lapha :

Sonke isikhathi mawuzonxusa kuNkulunkulu ,qala uthule phambi kukaNkulunkulu useza endumisweni yeNkazimulo yakhe .Kucabange anamandla okukwenza nokuthi uthokoza kanjani ukuzwa imithandazo yabahlengiweyo bakhe .Cabanga ngendawo nenhlanhla onayo ekhethekile kuKhrestu qede bese ulindela izinto ezinkulu .

Sengathi labo abahamba belila behlwanyela ngezinyembezi  ,babuye begcwele umsindo wentokozo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.