... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Sewusiqaqile Isipho ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 2:38,39 UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. 39 Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza

Listen to the radio broadcast of

Sewusiqaqile Isipho ?


Download audio file

Ake ucabange nje ukuthi ngalolosuku olukhethekile lokuzalwa , lolosuku kanye esisuke iminyaka yakho isiphetha ngo zero ekugcineni .Nakhu ususithola lesisipho esigoqwe kahle sinophawu lothando olugqamile.  

Wow! Uthi ungalubuka ,zivese zehle izinyembezi zothando nakuwe .Wenzani ngalokho ? Ngakube uvese usivule ,usigoqe emva kwalokho shuthe ekhabethini ,ugcine usikhohlwa kanjalo .Ngempela ?  Lokho ngeke nebala kuwenze umqondo .

Futhi okubuhlungu sithola ukuthi yiyona ndlela leyo abazalwane abaningi besiphatha ngayo isipho sikaMoya oNgcwele .Kungani sikwenza lokho ?

Izenzo  2:38,39 UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
39 Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza

Kungani sikwenza  lokho ? Mhlawumbe yingoba asifuni ukuguquka ezinhliziyweni zethu nasemqondweni wethu .Mhlawumbe yingoba asiqondi ukuthi ungubani uMoya oNgcwele .Mhlawumbe sinokwesaba ngamandla kaNkulunkulu ahleli kithi ngoMoya oNgcwele .Kumbe mhlawumbe asicabangi kwakucabanga ngakho

Ngialalele uma ukholwa nguJesu uqonde ukuguqula impilo yakho ,ukukukhulula esonweni esikukinatele ,ukukuthethelela ,nokukunika amandla ukuphila impilo entsha .Impilo njengomunye wabantwana bakhe .

Futhi uma umamukele uJesu njengoMsindisi wakho , uma uzinikela ekuguquleni inhliziyo yakho ngaYe…nakanjani uzokuthethelela .Uyobe esekunika isipho sikaMoya oNgcwele .

Ungalenzi iphutha lesisipho singesakho ,Siqaqe ngenxa kaKhrestu!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.