... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yayingekho Indawo KaJesu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 2:7 Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.

Listen to the radio broadcast of

Yayingekho Indawo KaJesu


Download audio file

Nakhu sesihambe safika futhi osukwini lukaKhisimusi ,ezinsukwini ezinde zikaKhisimusi . Ngakho yikuphi onakho ngalolosuku ? Wenzani ngalo ? 

Indaba kaKhisimusi iyindaba evelele ,uMariya ekhulelwe .Nangu esenoJosefa owayemiselwe ukushadwa nguye ,basesitebeleni sesinkomo esinukayo ,qithi wabeletha ingane khona lapho .Ngani? Ngoba yayingekho indawo yabo esakhiweni sezihambi. 

Futhi kungani bengalitholanga ikamero endlini yezihambi ? Yingoba abantu babebaningi ababekuloluhambo .Umbuso wamaRoma wawukhiphe isimemezelo sokuthi wonke umuntu akaye ezweni lendabuko yakhe ayobalwa khona . 

Yingakho uMariya noJosefa babeseBhetlehema .Yingakho babengalitholi igumbi lokulala.Iziminyaminya zakulomhlaba zazibamanyanise zabavalela .Yingakho zaziminyaminye ngisho uMsindisi.Zaze zayomdudulela  estebeleni sezinkomo . 

NgokukaLukha  2:7Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.

Ngiyazibuza ukuthi ekaze akuyona yini indaba kaKhisimusi leyo na? UJesu uMsindisi womhlaba,edudulwe waba seceleni kulomhlaba ngoba  lingekho ikamero angahlala kulo .

Ngakho yikuphi wena ozokwenza ngobukhona balolusuku ? Ukuza koMsinidisi ukuzokusindisa ezonweni zakho ,ukukulethela intethelelo,impilo entsha ,impilo engunaphakade ? Kumbe ngakube umatasa uxakwe yiziminyaminya zakulomhlaba? 

#Bamba lokhu .Lungisa ikamero likaJesu 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.