... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iskemu Esikhulu Kunazo Zonke Emhlabeni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 8:44 Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.

Listen to the radio broadcast of

Iskemu Esikhulu Kunazo Zonke Emhlabeni


Download audio file

Enye yamadoda ebizwa ngo  Bernie Madoff, eyabe ingusihlalo we- Nasdaq stock exchange, inesikhundla esedlula bonke ekuxhoheni abantu nge –skem semali .Lendoda yantshonstha imali ,yizwa phela ,engu  64.8 billion US dollars.

Lesi-skem sezimali eyabe isihola saba ngesakhuthuza kakhulu kunazo zonke ezake zaba khona.Kuba nohlaka olubizwa nge-investment lakhona abantu betshala imali yabo lubathembise ukuthela okukhulu kwemali yabo .Kodwa esikhundleni sokuyitshala bayayintshontsha .

Yebo bahlakaniphile ngoba iba khona  ebuyela kwabatshale kuqala kodwa kusuke  kungelona uzalomali kunalokho kuthathwa la abasafaka bethi bayatshala ngakho ayiyona inzuzo ngokwe nkampani ,bayithola okwesikhashanyana .

Okuhamba kuhambe lomdlalo wamakhadi ugcine usube yibhanayi eliphihlikile ngoba phela ayisekho imali ekhona njengoba kuthathwa le engenayo ishoniswe kosefakile kuze kugcine sekume nse .

Kodwa ubungathini  mangase ngithi kunenkohliso enkulu kakhulu kunaleyo ,esibe khona ni emhlabeni selokhu wabakhona ?

Leyonkhohliso inkulu ngangokuthi ibize inani lezigidigidi  kubantu  hhayi nje utshalomali lwabo kodwa impilo yabo uqobo ingunaphakade lonke .

UJesu ekhuluma kubantu ababebahle ,wathi :

NgokukaJohane  8:44 Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali

wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.

Amanga uSathane aqhubeka esitshela wona ngukuthi impilo imnandi.Yidla ,phuza uthokoze.Akukho ozophendula kuye  ngokwenzile .Futhi noma bekungathiwa ukhona ,phela angithi wena awuyena umuntu omubi .

Angikutshele ukuthi lelibhanayi  lisazophahlaka ,uzophela lomdlalo wethu wokushova amakhadi masesimi phambi kukaNkulunkulu .Ungamkholwa uSathane .Unguyise wamanga .Kholwa guJesu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.