... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungasifihli Isiphambano

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 4:11,12 Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi. “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”

Listen to the radio broadcast of

Ungasifihli Isiphambano


Download audio file

Isizathu ngenza lokhu engikwenzayo ,ngivuka njalo ekuseni ngikwenze ,yingoba nginentshisekelo engacimi yokufuna ukutshela abantu abaningi kakhulu ngoJesu Khrestu.Kuyadumaza nokho ukuthi iningi labo abafuni sanhlobo ukwazi ngaye .

Noma ubani othole isimanga somusa kaNkulunkulu ngoJesu empilweni yakhe uyofuna  nabanye bathole lokhu akutholile ;ukuza ekwazini uthando lukaNkulunkulu ngoJesu Khrestu .

Kodwa usuke waqaphela ukuthi abantu abaningi abafuni ukwazi.Ngakho isilingo kuba ngukuthambisa ivangeli ,ukumisa konke lokhu kukhuluma kokujeziswa nesono ,ngokuthethelelwa kuJesu Khrestu .Emva kwakho konke ,yikhona okuyisikhubekiso kakhulu .Bekulokhu kunjalo kusuka ekuqaleni .

Entsumayelweni yakhe uPhethru Umphostoli ayibhekisa ngqo kubantu abenza igazi likaJesu lichitheke ,bona kanye abambulala wathi :

Izenzo  4:11,12 Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”

Abantu bamkhafula uJesu kusuka ekuqaleni .Kodwa akuyona impendulo leyo yokuthambisa ivangeli .

Njengokuba u-  Charles Spurgeon wake wathi : Bazalwane bami abathandekayo ningazami ukwenza ivangeli libe mnandi kwabamqondo yabo isivivi. Ungakufihli ukuba yisikhubekiso kwesiphambano ngoba hleze  ungagcina usenza singabi namandla .

 Ukuma kwalo ivangeli yikho okungamandla alo linjalo :uma ukukhipha uyobe uyaliqeda amandla alo .Ukulinciphisa akukhona ukukhulisa  amandla alo kodwa kuwukulibulala uqobo .

Abantu bazolenqaba ivangeli likaJesu kodwa ungalokothi ulithambise .Ukwenza lokho kuyobe kungukulikhipha amandla alo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.