... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngakube uNkulunkulu Usasijezisa ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isambulo 3:19,20 “Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke. Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango,ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami

Listen to the radio broadcast of

Ngakube uNkulunkulu Usasijezisa ?


Download audio file

Ngakho angikubuze ,ngakube uNkulunkulu usabajezisa abantwana bakhe? Ngesikhathi wenza okuwrong futhi wazi ukuthi kuwrong,ngakube uvese aphume esigodlweni sakhe abhonge njengebhubesi asho ukukushanela ?

Angikubingelele, angikwamukele futhi engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.

Kungumbuzo omuhle ukuwubuza futhi nempendula enhle ukuyiphendula ,ngoba kulomhlaba nembala ,ukulindela kwethu kuthi labo abenza oku wrong bamelwe ngukujeziswa .

Manje nansi lento uma ukholwa ukuthi uJesu wehla  ezulwini weza emhlabeni wazokufela ngezono zakho, nakanjani uyazi ukuthi wathatha isijeziso sakho wasibeka phezu kwakhe ,kwaba kanye kwaphelela .

Ngakho ngeke kuwenze umqondo ukuthi uNkulunkulu azokujezisa futhi ngokwesibili ,kungawenza ? Yebo nebala uJesu uqobo uthi :

Isambulo 3:19,20  “Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke. Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango,ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle name.”

Ngakube uNkulunkulu usasijezisa ? Cha. Ngakube usasiqondisa izigwegwe othandweni lwakhe olukhulu? Nembala usakwenza lokho.Ngani? Ukusifundisa ,ukusibuyisela esimweni ,ukuhlanganyela nathi .  

Kunomehluko omkhulu phakathi kokuqondiswa nokujeziswa Umbhali ozuze ama -Award  u- L.R. Knost ukuchaza kanje : “Ukuqondisa izigwegwe ,kungukusiza ingane ilungise inkinga .

Isijeziso ngukwenza ingane ihlupheke ithwale kanzima ngokuba nenkinga.” UJesu amehlo uwabeke esisombululweni hhayi enkingeni .

Futhi othandweni lwakhe  ufuna mina nawe ukuba siphile ekunqobeni okuphelele phezu kwesono sethu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.