... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungamangali

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 5:28,29 “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila,abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.

Kunokungakholakali kwesiphetho ngokufa .Sekunqamuka ukuphefumula ,kume ukushaya kwenhliziyo yakho ,igazi lime ukuphampa ,ingqondo yakho ife futhi kusuka ngaleso sikhathi uqale ubole umzimba wakho .Yisiphetho esingakholakali sokugcina .

Yingakho izethembiso zikaNkulunkulu ngoJesu iNdodana yakhe ,zibukeka zingezona  ezakulomhlaba ,ziqhele nagamalengiso kulokhukuphila esibhekana nakho nsuku zasa nasekushoneni kwelanga  kwelakwamhlaba  .

Ngoba isethembiso esikhulu kunazo zonke ngukuthi ukufa kwenyama kwethu akusona isiphetho sakho konke .Kungukuqala kwengunaphakade lethu sonke .

Singasondela kancane kuleliqiniso namhlanje ? Umzimba osebhokisini lomngcwabo awusona isiphetho ,yisiqalo .

Njengokuba ngake ngambeka ethuneni ubaba ongizalayo kuyazwela ngiyakukhumbula lokho,kusekusha kimi  . Ukubuka ibhokisi lakhe lehla kulowomgodi ombiwe washona phansi ogengqezayo ,yingakho uJesu wathembisa lokhu

NgokukaJohane 5:28,29 “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila,abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.

Iqiniso ngukuthi kukhona ukuphila okuphakade kwabo bonke abantu  –labo ababukhombisile ubufakazi beqiniso bokubeka  ukholo lwabo kuJesu ngokweqiniso nangemisebenzi yabo emihle bayoba sephakadeni elihle ebukhoneni bakhe

Labo abangakwenzanga lokho abayikuba sebukhoneni bakhe .

Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo. Futhi uma ukholwa nguJesu ,yeka inkazimulo yalolosuku !

Ngakho ungamangali ngamhla sewumi phambi kwenkazimulo yakhe  iphakade lonke .

Ungamangali !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.