... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isethembiso Esikhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 14:12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.

Listen to the radio broadcast of

Isethembiso Esikhulu


Download audio file

UJesu wenza futhi washo izinto ezabe ‘ziseceleni kabi’ ezazingalindelekile . Ngesikhathi uqhubeka ufunda ngolandiso lwevangeli lakhe awuphezi ukumangala .

Kulezinsuku besilokhu sibuka ukuthi abafundi bakhe behluleka kangakanani ukuba naye kuze kube sekugcineni kubhekwe esiphambanweni .Nembala bonke babemngungile ngesikhathi esindisa abagulayo ,ehamba emanzini ,eshumayela ngokunamandla ,wayeyi staring kubo ngiyakutshela wena  .

Kodwa ngesikhathi ifu lokumketula lase lisobala ,nezimpilo zabo sezisengcupheni ,ngesikhathi uJesu wayethethiswa icala nguPhontiyasi Pilatu babekuphi ? Babegcwele itwetwe ,bayozithi shuthe beyocasha .

UPhethru wayethembisile ukuthi uzoma noJesu kuze kube sekugcineni ,nokho kwabiza intombazana encane ,eyamqhaqhazelisa qede wamphika uJesu kathathu .

Nakuba wayazi kahle ukuthi bayizehluleki ,bazomphika futhi uyazi amagwala lawa  amngungile ,washo lamazwi :

NgokukaJohane  14:12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.

Wabuka wadlula ezonweni zabo.Kuye wayekwamukele ukwehluleka kwabo .Nokho khona kunjalo wayenohlelo ngabo.Uhlelo lokubamisa kahle phambi kukaNkulunkulu ngokubahlawulela izono zabo kulesosiphambano .

Uhlelo lokubabusisa ngaphezu kokungacabangeka .Uhlelo lokusebenza ngabo ngokunamandla ,ukuthi izimpilo zabo zazizoba nomthelela ezimpilweni  zabantu abangama – billion kumakhulu khulu eminyaka .

Ukwehluleka kwabo wukwehluleka kwethu .Isono sabo yisono sethu .Asehluke ngalutho ! Ngakho uma usubuka esibukweni kukodwa okubonayo yisono sakho ,khumbula lokhu .UJesu unohlelo .Izindaba ezinhle ziyeza!  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.