... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izigaba Ezintathu Zempilo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Matthew 6:19-21 Matthew 6:19-21 “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

Listen to the radio broadcast of

Izigaba Ezintathu Zempilo


Download audio file

Impicabadala yezinto eziphathekayo ngukuthi zingagcina kuyizo esezikuphethe .Izinto esizinikwe nguNkulunkulu ukuba zibe lusizo kithi futhi sizithokozele zingagcina sezisiqhoqhobele zisibambe ngamatomu  . 

Kuyinto eshiwoyo ukuthi kunezigaba ezimbili kuloludaba .Ukufuna izinto ,ukuziqoqa ube nazo, nokuzisusa kuwe . Uma usemusha awubi nayo imali yokuthenga izinto ozifunayo ,ngakho uyazilangazelela ukuzithola ube nazo 

.Ngiyakhumbula ngisemusha ngilangazelela ukuba ne radio eyayilalelwa ngama headphone kuqala eyayibizwa nge ‘stereo’. 

Ngesikhathi ukhula uyaqhubeka ufune izinto uziqoqa konke lokhu owawukufisa usemncane .Kugcina kuyizinto eziningi kakhulu ukuthi  abanye bagcina sebeqasha ne container ukuze benze  i-storage ngoba akusangeni konke ekhaya ,kwakhiwe nomjondolo eceleni wokubeka zonke izinto ozithengile empilweni .

Okuthi mase kufika ngasekupheleni kwezinsuku zokuphila kwakho sewukhulile usunelisiwe yizo zonke izinto zokuphila  kusuke sekuqala umsebenzi wokuzikhipha manje uphisane ngazo ,njengoba kwenzeka kwabadala bethu .

Uthole ukuthi mhlawumbe okunye kwezinto zikagogo yizinto esezifuna ukulahlwa ngoba azisasebenzi futhi ngeke zisaba wusizo kodwa wayeqoqile ekuphileni kwakhe ,umjikelezo wempilo kithi sonke unjalo ,ngicabanga ngiyawakha umqondo? Ngena Jesu …

Matthew 6:19-21  “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

Yebo kumnandi ukuba nezinto. Zingaba yisibusiso nebala.Kodwa uma izinto sezigcina sezikuphethe ,zigcina seziyisiqalekiso esibi kakhulu . 

Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.