... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uhlelo Lwakusasa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 12:16-19 Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle. 17 Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’ 18 “Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami. 19 Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’

Listen to the radio broadcast of

Uhlelo Lwakusasa


Download audio file

Kuyahlekisana ukuthi nakuba sazi ukuthi kunosuku oluzayo sizodlula ngalo siye  kwelizayo ,kodwa inkinga usuku nosuku siphila sengathi sizophila kulomhlaba ingunaphakade naphakade .

Sinezinhlelo ngolwakusasa ,zesonto elizayo ,zenyanga ezayo ,ngisho nezonyaka ozayo .Kodwa lusuku lumbe konke lokho kuhlela okubhalwe kuma diary ethu kuyoba yinto engelutho engasho lutho futhi .

Ngakho umbuzo esidinga ukuzibuza wona ngothi : ngakube sengikulungele ukuhamba ? Hle hle wena sihlobo sami sewukulungele yini ? Ngoba nakuba sonke sithemba ukuthi sizophila impilo ende nenempilo ,kungenzeka kungabii wuhlelo lukaNkululunkulu sanhlobo .

Uyawukhumbula umfanekiso kaJesu ngesiwula esasinothile  esasinomhlaba waso owawukhiqhize kakhulu ?

NgokukaLukha  12:17-19 Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle.
17 Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’
18 “Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami.
19 Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’

Ake uqaphele ubukisise lokhu kukhuluma  – Ngizakwenza ,ngizakwenza ,ngizaku,;kwami ,zami ,yami,wami . Yeka impumelelo esengiyizuzile ! Ngizokwenza lokho umhlaba  ongifundise ukukwenza ,ngizonqwabanela ingcebo yami  ,ngizoziphilela  impilo emnandi ngizozijabulisa .

Kubukeka sengathi wayenohlelo oluhle ngempilo yakhe  lomuntu ngaphandle kwephakade elalingabaliwe  kuloluhlelo .Sizobona kugcina kuphetha kanajni ngaye kusasa kodwa okwamanje ,ngingake ngikubuze lombuzo : ukulungele ukuhamba na? Usukulungele ukuhlangana noMdali wakho?  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.