... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Ombuzo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 19:16-18 Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?” Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.” athi kuye: “Miphi na?”

Listen to the radio broadcast of

Amandla Ombuzo


Download audio file

Mangase kuthiwe impilo ibisobala icacile ,kodwa angithi vele isobala icacile  angithi .Ingamavununundu ayiqondakali .Imizwa yenhliziyo yabantu ibanhle ibuye ixoveke.Sivamisa ukuhlala sibhekene nezimo ezigiganayo .Yebo impilo nebala isobala icacile .

Wagcina nini ukuchukuluzwa ngumuntu kumbe akulimaze ,agovuze ukuphendula  okuveza ukucikeka kuwe ,ngento ehlasela  ukushaya kwenhliziyo yakho ,asho ngesimo esasinzima owawubhekene naso ? Lokho kwakwenza wazizwa kanjani ?  

UJesu wayehlala imvama ebhekene nezimo ezinzima .

NgokukaMathewu 19:16-18 Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila

okuphakade na?”  Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”  athi kuye: “Miphi na?”

Ngokuhle kumbe umbuzo omuhle lowo .Impendulo kaJesu nebala leyo ? Omunye umbuzo ,owaholela engxoxweni eyayinguwafawafa idingidwa ingaqedwa .Hle hle ngitshelwa ukuthi emavangelini omane alandisa ngempilo yakhe ;elika Mathewu,Markhu,Lukha noJohane ubuzwa imibuzo engu 187 .

Uphendula cishe engu 8 kuyo .Yena luqobo ubuza imibuzo engu 307 . Imvamisa wayexoxa imifanekiso abantu ababengayiqondi .Ngokungangabazi ,babeya ekhaya ,bekhuluma bodwa , ‘ngokwakho ucabange ukuthi ubethini umesho lokhuya’

Kunamandla angachazekiyo ukubuza imibuzo ngathi ,ngabanye abantu ,ngezwi likaNkulunkulu.Ngumkhuba ovula ukubuka ngeso lengqondo,oxukuza ugebhezi qede uvulele izingxoxo ezinde .

Njengokuba omunye wake wathi ,mhlawumbe ukholo lungokufunda ukubuza  bese uyahlala  ulalelisise ekubuzweni kwemibuzo emihle .

Ngakube impilo yakho ibizoguquka kanjani uma bewubuze uNkulunkulu eminye imibuzo yathi xaxa ,uma uhlale phansi wazindla ngayo ekukhanyiselweni yizwi likaNkulunkulu ? Ungakwesabi ukubuza .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.