... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungabi NguMlingi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 17:1-3a Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye! Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane. Xwayani nina.

Listen to the radio broadcast of

Ungabi NguMlingi


Download audio file

Kunamanga usathane athanda ukuwafafaza ukuthi izono ezincane azisho luthi .Athi qhubeka uzenze akekho ozozibona ! Phela yisono esincane nje lesi .Athi phela yisono ngegama asikho nesidingo sokuthi lento ibizwe ngesono . 

Amanga lawa azowanyenyeza ezindlebeni zawo wonke umuntu okholwa nguJesu .Kungamanga ahloliwe ngiyakutshela wena ,ngoba kwenza ukuthi ugcine usenzile lesisenzo athi yinto encane engasho lutho leyo .Athi akekho ozoyibona lento akekho futhi ozolimala ngayo . 

Kodwa isono sihlale siqapheleka futhi siba nemiphumela yaso zikhathi zonke . lesosono sakho  esincane singaqala amagagasi amancane azovumela amanye kumbe abanye ukuthi nabo bakulandele benze okufanayo . 

Uma uhlala ukhalaza ngezimo enibhekene nazo emndenini wakho ,utshala  imbewu yokukhalaza nakuwo .Uma unamazwi ahlabayo komunye umuntu ,kunamathuba amaningi ukuthi omunye ongumzalwane osemusha eNkosini naye lomkhuba wakho awuthathe awenze .Futhi yinto le uJesu ayibuka ngoku serious kakhulu. 

NgokukaLukha  17:1-3a Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo

ezivela ngaye!  Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle,

kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane. Xwayani nina.

Uma senza omunye umuntu one ,siphenduka amathuluzi kasathane ,umlingi uqobo ,senza abanye abantu bone .Yingakho uJesu lokhu  ekuthatha ngoku serious kakhulu . 

Shlobo sami ungabi yilomuntu izilingo eziza ngaye ! Ungalokothi nangengozi ube ngonjalo 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.