... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuzenzisa Nokuzikhohlisa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:14-16 “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

Listen to the radio broadcast of

Ukuzenzisa Nokuzikhohlisa


Download audio file

Ukuzenzisa nokuzikhohlisa ngamawele lawo . Eningini lethu umuntu ozenzo zakhe zingahambisani namazwi akhe uyilokhu kanye abukeka eyikhona .Umzenzisi .Kodwa kwingaphakathi  imvama ,lomzenzisi ufuthwa ngukuzikhohlisa .Ubuka esibukweni kodwa abe  ngongaboni lutho olonakele lube lukhona  ,nansi iminqwambi uyayibona nje emlonyeni .

Ngokwami ukubuka umzenzisi obedlula bonke ngokwezenkolo .Futhi lokho akuwona nje umbono wami .UJesu uqobo wayehlephula kwasani ehlaba abazenzisi bezinsuku aphila ngazo enyameni .Futhi kwabaningi bethu awudingi ukuze uqalaze kude ze ubone,baningi ababizwa ngaMaKhrestu kodwa kube kungaguquke lutho. U-Franciscan Friar Richard Rohr ukubeka kanje

UBuKhrestu buyi-lifestyle ,indlela yokuphila emhlabeni esobala ,enganaludlame ,edla ndawonye enothando .Nokho sesikwenze kwayinkolo emi kanjalo  futhi sakugwema ukuyibuka ngokuguqukile  leyo lifestyle .Omunye engaba ngonempi ,onomona ,onobandlululo ,oliqonqela nongelutho emlandwini wobuKhrestu ,kodwa uthole ukuthi sikhathi sinye uyakholwa ukuthi uJesu uyiNkosi noMsindisi wakhe .Namhlanje izwe alisenaso isikhathi salobo buwula .Inhlupheko nobuhlungu obusemhlabeni buningi ukubekezelela bonke ubuwula lobu okungenasidinga .

Ukukhuluma kulolungqubuzano lokholo  uJesu wathi :

NgokukaMathewu  5:14 -16 “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.  Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo

makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

Uma singekhona ukukhanya emhlabeni ,mina nawe siyazikhohlisa thina mathupha .Ungabi ngumzenzisi .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.